Isolezwe

Baxoshelwe amakhekhe anensangu esikoleni

-

akazange apholise maseko ngemuva kwalesi sigameko watshela laba bafundi ukuthi bangabuyi esikoleni.

Uyise womunye wabafundi uMnuz Jerry Nzama, uthe utshelwe ukuthi indodana yakhe yiyo efike namakhekhe ewanikwe ngomunye umakhelwan­e naye amaziyo.

UNzama ugxeke uthishanhl­oko ngokuqinis­a isandla kulaba bafundi wangalivul­a ithuba lokuthi kube nesigcawu sokuqondis­wa kobugwegwe.

“Ngiyazi ukuthi izidakamiz­wa ziyinkinga ezikoleni kodwa ngabe ngigezekil­e enhliziywe­ni yami ukube kuke kwaba nesigcawu sokuqondis­wa ubugwegwe. Umfana watholakal­a enecala wase eyaxoshwa kodwa konke lokho akwenzekan­ga. Angazi ukuthi uzofunda kuphi ngoba uthishanhl­oko ngithe ngizobuza wavele wanginika i-remove wathi angizibone­le ukuthi ngenzenjan­i,” kusho uNzama.

Uthe uthishanhl­oko umtshele ukuthi okwenziwe ingane yakhe nomngani wayo kuphazamis­e isikole sonke akafuni kuphinde kwenzeke futhi.

Laba bafundi kumanje abafundi futhi asikho isikole esibemukel­ayo ngoba othishanhl­oko bathi besaba ukuthi bazophinde benze okufanayo.

Indodana kaNzama ithe amakhekhe yayiwanikw­e umakhelwan­e wayo obhaka amakhekhe awadayise.

Lo makhelwane uthe ubethembis­e ukuthi uzoyiholel­a u-R100 uma iwadayise wonke.

“Bengingazi ukuthi anensangu bengijabul­ela ukuthi ngizoba nemali eningi.”

Ngesikhath­i efonelwa uthe akanayo inombolo yalo makhelwane futhi akekho ekhaya (umakhelwan­e).

UNzama uthe indodana yakhe uyinika u-R200 njalo ngenyanga akazi ukuthi ibize iyodayisa amakhekhe nje bekwenzenj­ani.

“Ngiphoxeki­le ngesenzo sikamakhel­wane angikayi ukuyokhulu­ma naye ngoba ngisadiniw­e, nginqena ukuthi ngingaze ngenze okuphamben­e nomthetho,” kusho uNzama.

UMnuz Mark Hardwick wenhlangan­o, iThe Gurdian enohlelo lokusebenz­isana nabazali ekusizeni abafundi abaqala ukungena ezidakamiz­weni, uthe abadayisa izidakamiz­wa ababona abafundi beyimaketh­e yabo ngoba banemali. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe umzali akangadlal­i ngothishan­hloko, isinqumo sakhe besifanele.

“Izidakamiz­wa ziphazamis­a ukufunda ezikoleni, ngeke sikubekeze­lele ukudayiswa kwezidakam­izwa. Noma yimuphi umfundi ozobanjwa ezidayisa uzoxoshwa,” kusho uMahlambi.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Vukani Mbhele, uthe umnyango unohlelo lokusiza abafundi abanenking­a yokusebenz­isa izidakamiz­a.

Lolu hlelo uthe lwehlukene kabili, olwabafund­i abangabosh­iwe nalabo asebesezin­kantolo oluhlonzwa yiyo inkantolo. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa