Bakhumelene umlotha eMahlongwa
INKOSI yaseZembeni, eMahlongwa ithembise bonke abahamba bashiya amanxiwa ngesikhathi kunempi yezibongo ezine zakule ndawo ukuthi amanxiwa abo asekhona.
Inkosi uJokho Mqadi (esesithombeni), ibikhuluma emcimbini wokukhumelana umlotha phakathi kwesibongo sakwaKhwela, esakaKhuzwayo, esakwaGumede nesakwaMgobhozi obusehholo eMahlongwa, izolo.
Lezi zibongo kuthiwa zaqala ukulwa ngo-1982 kwaze kwaba u-1989 kubangwa umhlaba owawuphethwe ngabantu bakwaMgobhozi ngaleso sikhathi.
Lezi ezinye izibongo zasikelwa indawo abakwaMgobhozi ngemuva kwesikhathi zahlangana zabahlasela.
“Ngiyathokoza ukuthi namhlanje senza inhlambuluko. Umhlaba usekhona kulabo abasafisa ukubuya bazovusa amanxiwa asemakubo. Ngiyazi ukuthi abanye babalekela ezindaweni ezingekho kude nalapha. Abanye baya kwaCele, eMgababa naseMlaza. Impi okumele sibhekane nayo manje eyokuhlukunyezwa kwabesifazane nobugebengu. Ngalokho angisho ukuthi ngiyayiphaka, abasolwa ngobugebengu babambeni nibahambise kwabomthetho,” kusho uMqadi.
UPhumlani Mgobhozi ongumculi kamaskandi, owashonelwa nguyise owayeyinduna kule ndawo, wafikelwa umbono wokuthi isizwe saseZembeni sihlanjululwe ngenxa yokuchitheka kwegazi.
“Ubaba, uHlanya Mambhedeni, wabulawa kabuhlungu edutshulwa ngo-1989, wangcwatshiswa okwesilwane, akuzange kube nomlindelo. Samfihla sigadwe amaphoyisa, ithuna salishiya ngalelo langa sabaleka,” kusho uMgobhozi.
Uthe umndeni wakubo useMangamazini omunye useMgababa. Uqhube wathi weza ethuneni likayise okokuqala ngemuva kwalesi sigameko ngo2009.
“Eminyakeni eyedlule bengilokhu ngihlushwa yiphupho elibi. Ngiphupha ngihamba phezu kwegazi ngaze ngaya kubantu ababonayo bangitshela ukuthi isizwe sonke saseZembeni kudingeka sigezwe ngoba kwachitheka igazi.” Uqhube wathi weza eMgobhozini ezokhuluma nenduna uMnuz Muziwakhe Ngidi nenkosi bavumelana ukuthi kube nomhlangano nabo bonke abathintekayo.
“Bekungeyona into elula ngoba izinhliziyo zabantu bezisebuhlungu, baningi abantu abafa kwasala izintandane kodwa ngokubambisana nayo yonke imindeni sigcine sifinyelele esivumelwaneni sokubuyisana,” kusho uMgobhozi.
UMnuz Johaness Khuzwayo, uthe ngemuva kokubheduka kwempi bese kunzima ukuthi uma kade kunomcimbi emini, kukhona oseqiwe ngukudla, alale kulowo muzi ngoba bekwesabeka.
UMnuz Nkunzebomvu Khwela noMnuz Pano Gumede bathe sekunesikhathi belinde ukuthi kube nomcimbi onjengalo owenziwa eMahlongwa.
UNgidi uthe ifu elimnyama eladalwa yimpi yezibongo belilokhu liqhubekile kwaze kwaqala udlame lwamatekisi.