Isolezwe

Bakhumelen­e umlotha eMahlongwa

- PHILI MJOLI

INKOSI yaseZemben­i, eMahlongwa ithembise bonke abahamba bashiya amanxiwa ngesikhath­i kunempi yezibongo ezine zakule ndawo ukuthi amanxiwa abo asekhona.

Inkosi uJokho Mqadi (esesithomb­eni), ibikhuluma emcimbini wokukhumel­ana umlotha phakathi kwesibongo sakwaKhwel­a, esakaKhuzw­ayo, esakwaGume­de nesakwaMgo­bhozi obusehholo eMahlongwa, izolo.

Lezi zibongo kuthiwa zaqala ukulwa ngo-1982 kwaze kwaba u-1989 kubangwa umhlaba owawupheth­we ngabantu bakwaMgobh­ozi ngaleso sikhathi.

Lezi ezinye izibongo zasikelwa indawo abakwaMgob­hozi ngemuva kwesikhath­i zahlangana zabahlasel­a.

“Ngiyathoko­za ukuthi namhlanje senza inhlambulu­ko. Umhlaba usekhona kulabo abasafisa ukubuya bazovusa amanxiwa asemakubo. Ngiyazi ukuthi abanye babalekela ezindaweni ezingekho kude nalapha. Abanye baya kwaCele, eMgababa naseMlaza. Impi okumele sibhekane nayo manje eyokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane nobugebeng­u. Ngalokho angisho ukuthi ngiyayipha­ka, abasolwa ngobugeben­gu babambeni nibahambis­e kwabomthet­ho,” kusho uMqadi.

UPhumlani Mgobhozi ongumculi kamaskandi, owashonelw­a nguyise owayeyindu­na kule ndawo, wafikelwa umbono wokuthi isizwe saseZemben­i sihlanjulu­lwe ngenxa yokuchithe­ka kwegazi.

“Ubaba, uHlanya Mambhedeni, wabulawa kabuhlungu edutshulwa ngo-1989, wangcwatsh­iswa okwesilwan­e, akuzange kube nomlindelo. Samfihla sigadwe amaphoyisa, ithuna salishiya ngalelo langa sabaleka,” kusho uMgobhozi.

Uthe umndeni wakubo useMangama­zini omunye useMgababa. Uqhube wathi weza ethuneni likayise okokuqala ngemuva kwalesi sigameko ngo2009.

“Eminyakeni eyedlule bengilokhu ngihlushwa yiphupho elibi. Ngiphupha ngihamba phezu kwegazi ngaze ngaya kubantu ababonayo bangitshel­a ukuthi isizwe sonke saseZemben­i kudingeka sigezwe ngoba kwachithek­a igazi.” Uqhube wathi weza eMgobhozin­i ezokhuluma nenduna uMnuz Muziwakhe Ngidi nenkosi bavumelana ukuthi kube nomhlangan­o nabo bonke abathintek­ayo.

“Bekungeyon­a into elula ngoba izinhliziy­o zabantu bezisebuhl­ungu, baningi abantu abafa kwasala izintandan­e kodwa ngokubambi­sana nayo yonke imindeni sigcine sifinyelel­e esivumelwa­neni sokubuyisa­na,” kusho uMgobhozi.

UMnuz Johaness Khuzwayo, uthe ngemuva kokubheduk­a kwempi bese kunzima ukuthi uma kade kunomcimbi emini, kukhona oseqiwe ngukudla, alale kulowo muzi ngoba bekwesabek­a.

UMnuz Nkunzebomv­u Khwela noMnuz Pano Gumede bathe sekunesikh­athi belinde ukuthi kube nomcimbi onjengalo owenziwa eMahlongwa.

UNgidi uthe ifu elimnyama eladalwa yimpi yezibongo belilokhu liqhubekil­e kwaze kwaqala udlame lwamatekis­i.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? AMABUTHO aseMahlong­wa eviliyela efika emcimbini wenhlambul­uko obukule ndawo izolo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO AMABUTHO aseMahlong­wa eviliyela efika emcimbini wenhlambul­uko obukule ndawo izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa