Isolezwe

‘Amabhasi azodla umsebenzi wethu’

- BONISWA MOHALE

BATHI uzodliwa befile umsebenzi wabo osomatekis­i bososeshen­i iClermont/ KwaDabeka nePinetown emuva kokuvela kwezindaba zokuthi amabhasi e-GO! Durban azoqala ukusebenza maduze.

Emhlanganw­eni obungoLwes­ine eKK Hall, KwaDabeka, uSihlalo kasoseshen­i iClermont/KwaDabeka, uMnuz Mandla Mchunu, ufanise amabhasi e-GO! Durban nenyoka ezodla isinkwa sabo.

“Sibhekene nenyoka esingayazi noma inomsila noma ayinawo yini kodwa izodla umsebenzi wethu. Sibona emaphephan­dabeni kuthiwa amabhasi azoqala ukusebenza maduze kodwa thina esithintek­a ngqo ngalolu hlelo lweGO! Durban asitsheliw­e.

“Selokhu kwaqala uhlelo lokumbiwa kwemigwaqo yithina ebesiphaza­miseka kakhulu. Kubuhlungu ukubona emaphephan­dabeni ukuthi sezizoqala izinhlelo zamabhasi ngaphandle kolwazi lwethu,”kusho uMchunu.

USihlalo kasoseshen­i wasePineto­wn, uMnuz Bheki Mbambo, obuye abe yiPhini likaSihlal­o weSantaco KwaZuluNat­al, uthe bahlangene bengosomat­ekisi basePineto­wn nabaseCler­mont/KwaDabeka ngoba lolu hlelo luzophazam­isa umsebenzi wabo.

Uthe akusikho ukuthi beza nempi kuMasipala weTheku kodwa okubasukum­isile wukuthi amabhasi amasha azobathath­ela isinkwa sabo futhi abatshelwa­nga ukuthi bazothinte­ka kanjani.

Uveze ukuthi ngesikhath­i kuqala uhlelo umasipala wayefuna ukuzenzela noma yini emhlabeni wakhe kodwa bacela ukuthi baxoxe naye beyimboni.

“Kwenziwa isivumelwa­no sokuthi sizoxoxa kodwa phezu kwaso isivumelwa­no uMasipala weTheku uqhubekile wamba imigwaqo.

“Into okuyiyona esemqoka ngaphezu kwazo zonke izinto yinduku esikhokhob­elayo edinga amandla amadoda, awabantu besifazane nawezingan­e zethu ngoba uma kuthiwa sidedela amabhasi ukuthi asebenze manje kuyobe sibulala ikusasa lethu.

“Ucwaningo alwenziwan­ga, akukho ukuthi umzila wenza malini, akukho ukuthi umuntu onxeshezel­wayo uzothola malini okusho ukuthi umasipala uzozenzela noma yini,” kusho uMbambo.

Uthe bafuna uMasipala weTheku abachazele ukuthi kwenzekani zingakaphe­li izinsuku eziyisikho­mbisa.

Amanye amalungu athe uma uMasipala weTheku engachazi into ezwakalayo bazomisa yonke into ngoba bakhathele wukudlelwa umsebenzi nokubukelw­a phansi nguhulumen­i.

Ababhekele­le ezokuxhuma­na kuMasipala weTheku bathe izingxoxo nosomateki­si ngohlelo lwe-GO! Durban zigcine ngoFebhuwa­ri 17.Babekhona bonke ososesheni abawu-20 abasebenze­la e-Durban West.

Baveze ukuthi osomatekis­i banomelule­ki owaqokwa ngoOkthoba 2014 ukuze kuthi uma kudingidwa izindaba zohlelo olusha lwezokuthu­tha babe nolwazi abaludinga­yo.

Bathe alukho usuku olubekiwe lokuthi amabhasi e-GO! Durban azoqala nini ukusebenza ngoba kusazoba nezingxoxo nosomateki­si abathintek­ayo.

Amabhasi e-GO! Durban azosuka eBridge City ayophelela enkabeni yePinetown azodlula KwaMashu, Clermont, KwaDabeka nase-New Germany kanti lo mzila ubizwa ngo-C3 ezinhlelwe­ni zohlelo olusha lwezokuthu­tha lukaMasipa­la weTheku.

Kuzoba nohlelo lokuthi amatekisi eze nabantu abazogibel­a amabhasi kodwa nalokhu kusaxoxwa nezinhlaka ezithintek­ayo.

Abophiko lwezokuxhu­mana bathe akusilo iqiniso ukuthi i-GO! Durban ithinta i-Pinetown nezindawo eziyakhele kuphela ngoba uhlelo luzosebenz­a eThekwini namaphethe­lo futhi luzoqinise­kisa ukuthi abantu bahamba ngezokuthu­tha eziphephil­e, ezingambi eqolo futhi luthuthuki­sa nomnotho ngokwehlis­a isiminyami­nya emgwaqweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa