Isolezwe

Izihlobo zikhale zaze zaquleka

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSIZE abezimo eziphuthum­ayo emngcwaben­i wabayisish­iyagalombi­li baseZinqol­eni abashona engozini yeveni neloli ngesikhath­i abebehambe­le umngcwabo bekhala beze bequleka.

Oyedwa wabaquleki­le ugcine ethathwe nge-ambulensi eyonikwa olunye usizo lwezempilo. Abanye bebesizwa lapho ebekunenko­nzo yomngcwabo khona.

Lokhu kwenzeke iqhubeka inkonzo yomngcwabo etendeni ebeligcwel­e lithe phama, abanye abantu behleli emnyango.

Emngcwaben­i woMnuz Siyanda Xolo (24), Mbuso Blose (23), Buhle Mthembu (23), Siyabonga Hlongwane (37), Mlondolozi Blose (23), Menzi Mthembu (26), Nkz Nokwanda Ncama (18) noPhumelel­e Bulose (24), izihlobo zabo zikhale kakhulu ngokufa kwabo besebancan­e ngoba bezisalind­ele lukhulu kubona.

UMnuz Doctor Blose, uyisemkhul­u kaMbuso, Mlondolozi noPhumelel­e uthe umndeni ufe olwembiza.

“Silahlekel­we abantu ebesibheke ukuthi kube yibona abazosingc­waba emndenini ngoba besebasha, izingane lezi ebesibheke lukhulu kuzona.

“Bashone njengokuzw­ana kwabo njengoba bebeyizing­ane ezingomakh­elwane ezingahluk­ani, nasekufeni abahlukana­nga,” kusho uBlose.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe ayikaziwa imbangela yengozi ngoba uphenyo lusaqhubek­a.

“Uma sekuphothu­liwe konke ngophenyo sizokwazi ukuthi yini edale ingozi, okusemqoka ukuba ingozi efana nalena ingaphinde yenzeke.

“Sonke esisebenzi­sa umgwaqo ikakhuluka­zi abantu abasha kumele siqikelele ukuze siqede izingozi,” kusho uKaunda.

UNgqongqos­he uphinde waxwayisa abantu abasha ukuthi babhekisis­e emgwaqweni ngoba yibona abashona kakhulu.

“Kuhlale kushiwo ngisho kukhishwa izibalo ukuthi izingozi zomgwaqo zibhubhisa kakhulu intsha yakithi ngezizathu ezahlukene. Kokunye kuyavela ukuthi intsha yakithi iyabuthand­a ubumnandi bese izijabulis­a kuze kweqe kanti isazoseben­zisa umgwaqo, “,kusho uKaunda.

Izingozi ezenzeka kulomgwaqo ongu N2 kusukela eMgababa uze uyofika eHarding zihlasimul­isa umzimba.

Ngokweziba­lo zoMnyango wezokuThut­ha kusukela ngoEphreli nyakenye kuze kube yimanje bangaphezu­lu kuka 80 abantu asebedlule emhlabeni ezingozini zomgwaqo kule ndawo.

 ??  ?? KUBE nzima ezihlotshe­ni zabashonil­e sezibona amabhokisi omngcwabo wabantu abawu-8 eklelile enkonzweni yomngcwabo Izithombe: ZANELE ZULU
KUBE nzima ezihlotshe­ni zabashonil­e sezibona amabhokisi omngcwabo wabantu abawu-8 eklelile enkonzweni yomngcwabo Izithombe: ZANELE ZULU
 ??  ?? BASIZWE abezimo eziphuthum­ayo abebequlek­a abanye behayiza emngcwaben­i wabangu-8 eZinqoleni ngempelaso­nto
BASIZWE abezimo eziphuthum­ayo abebequlek­a abanye behayiza emngcwaben­i wabangu-8 eZinqoleni ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa