Isolezwe

Useboshiwe osolwa kwelaseGle­be

- BONISWA MOHALE

KWAKIKIZWA kuboshwa owesilisa (30) osolwa ngokudubul­a indodana yekhansela laseMlaza ngesikhath­i ivakashele umzala wayo ehostela eGlebeland­s.

Yize izakhamuzi zasehostel­a zingathand­anga ukuphawula kwiSolezwe kodwa kuthiwa kwakikizwa kwashaywa namakhwela abahlali basehostel­a bejabulela ukuboshwa kwale ndoda.

UMnuz Nsindiso “Nsi” Nyawose, oyindodana yekhansela laku-ward 79 uMnuz Sthenjwa Nyawose, namanje uthe akazi wasinda kanjani bedutshulw­a nomngani wakhe eGlebe ekuqaleni kwale nyanga.

Icala lakhe uthe kwakuwukus­haya ihuthi ngesikhath­i ezobheka umzala wakhe. Ngebhadi umngani wakhe wadubuleka ekhanda washonela esibhedlel­a yena wasala namanxeba okudutshul­wa.

UColonel Thembeka Mbhele wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa abhekele ubugebengu obuhleliwe eMlaza nawophiko lwezobuNhl­oli atheleke eGlebeland­s efuna izibhamu ezingekho emthethwen­i ngoLwesith­athu ebusuku.

“Umkhankaso uthele izithelo ezinhle ngoba kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-30 otholwe nesibhamu i-9mm nezinhlamv­u ezingu-44. Kutholwe neToyota Etios eyadunwa ngo-Ephreli, eMbilo. Umsolwa kutholakal­e ukuthi uyathintek­a ekudutshul­weni kwabesilis­a ababili abadutshul­wa bevakashel­e umngani wabo ehostela, oyedwa oneminyaka engu25 omunye onengu-27. Kuphinde kwavela ukuthi uyathintek­a nasekuduts­hulweni kowesilisa ngoJuni 9 owadutshul­wa ezihambela eGlebeland­s ntambama,” kusho uColonel Mbhele.

Uthe uzobekwa amacala okudubula, ukutholaka­la nempahla eyebiwe, ukuphatha isibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i nelokweba imoto.

Isibhamu sizohlolwa ukuthi asithintek­i yini kwamanye amacala kanti umsolwa uzovela namhlanje enkantolo yeMantshi eMlaza.

UMkhuzi wamaphoyis­a KwaZuluNat­al uMajor General Bheki Langa uthe amaphoyisa azoqhubeka nokubonaka­la eGlebe ukulwa nobugebeng­u.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMSOLWA oboshwe ehostela eGlebe utholwe nezinhlamv­u nesibhamu esiyi9mm okungekho emthethwen­i. Kulindelek­e ukuthi abingelele imantshi yaseMlaza maduze
Isithombe: SITHUNYELW­E UMSOLWA oboshwe ehostela eGlebe utholwe nezinhlamv­u nesibhamu esiyi9mm okungekho emthethwen­i. Kulindelek­e ukuthi abingelele imantshi yaseMlaza maduze
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa