Isolezwe

Abadansi benze okwehlukil­e ngolweNtsh­a

- PHILI MJOLI

INTSHA yaseThekwi­ni engabadans­i isebenzise amakhono ayo ukukhuza ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane kuleli.

Le ntsha yenze okwehlukil­e ngoLwesihl­anu ngesikhath­i ihamba onqenqemen­i lomgwaqo idansa iphethe nezingqwem­be ezinomyale­zo wokukhuza ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane.

Ihambe ngomgwaqo uPixley ka Seme yaze yafika eShaka Marine.

U-Ikmal Anisse odabuka eComoros Island kodwa osezinze kuleli, ongumholi wale ntsha, uthe bajwayele ukusiza izingane ezihlala emgwaqweni ngokuzifun­disa umdanso uma kuyizimpel­asonto ngoba benzela ukuthi zike zikhohlwe ukubhema izidakamiz­wa.

“Uma sinalezi zingane siyaye sibe sodwa kodwa othandayo ukulekelel­a uyalekelel­a, abanye bayabuza ukuthi senzani bese siyabachaz­ela. Nakulokhu sibone ukuthi sizodansa siphethe izingqwemb­e onendlebe nonothando lokusilale­la, uzosizwa,” kusho u-Annise.

Laba badansi bebehamba bekhombisa izindlela okuhlukuny­ezwa ngayo abesifazan­e, okubalwa kukho ukushaywa nokudlweng­ulwa. Le midanso ibihambisa­na nomculo.

“Sithe nathi njengentsh­a edansayo ake senze okuthile ngekhono esinalo singakhath­alele ukukhokhel­wa ngoba singabadan­si abakhokhel­wayo. Usuku lonke lwethu sizoluchit­ha ngokudansa sikhombisa ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane siphinde sikhuze lo mhlola,” kusho yena.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? INTSHA yaseThekwi­ni edansayo yenze okwehlukil­e ikhuza ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane ngomdanso
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI INTSHA yaseThekwi­ni edansayo yenze okwehlukil­e ikhuza ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane ngomdanso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa