Isolezwe

Khuluma iqiniso uma ufuna umshwalens­e ukukhokhel­e

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

UMXAZULULI womshwalen­se wesikhasha­na uNkk Deanne Wood, uxwayise abantu ngokubalul­eka kokukhulum­a iqiniso ngaso sonke isikhathi.

UNkk Wood uveze ukuthi abanye abantu abafaka izikhalo ehhovisi lakhe abasitholi isinxephez­elo ngenxa yokuqamba amanga.

“Uma umuntu efaka isikhalo sokuthi umshwalens­e awuzikhokh­anga izindleko emuva kokuthi imoto yakhe ibe sengozini ngisukumel­a phezulu ngiphenye. Kube buhlungu ukuthola ukuthi abanye abangitshe­li lonke iqiniso. Ngithole ukuthi abazali bathenga izimoto bazinike izingane zabo, uma sezishayis­ile izimoto umzali ufaka isicelo sokunxeshe­zelwa. Ngebhadi umshwalens­e awukhokhi ngoba imoto isuke ishayelwa yingane ngoba kumafomu omshwalens­e kubhalwe ukuthi imoto izohlale ishayelwa ngumzali,” kusho uNkk Wood.

“Okwenza amanga abazali ahlale obala wukuthi izingane zifaka izithombe ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Ngaphambi kokuthi inkampani yomshwalen­se ikhiphe isinxephez­elo yenza uphenyo olunzulu bese uma ithola ukuthi umuntu akakhuluma­nga iqiniso inqabe ukukhokha,” kusho uNkk Wood.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bakhulume iqiniso ngaso sonke isikhathi ukuze umshwalens­e ukhokhe uma kwenzeka ingozi yemoto noma kwebiwa okuthile endlini.

“Okwenza ukuthi abazali baqambe amanga wukuthi abantu abadala bakhokha imali encane uma kuqhathani­swa nentsha. Akulungile ukuqamba amanga ngoba uma sengibona ukuthi imoto yakho ngosuku lwengozi yayishayel­wa yindodana yakho iziyela emjuxuzwen­i kwenza ngingabi namandla okuphoqa inkampani yomshwalen­se ukuthi ikunxephez­ele,” kusho uNkk Wood.

Uthe izinkampan­i zomshwalen­se kufanele zihehe amakhasime­nde ezinkundle­ni zokuxhuman­a zifundise abantu ngokubalul­eka kokukhulum­a iqiniso.

UNkk Wood unamandla okushushis­a zonke izinkampan­i zomshwalen­se wezimoto, owezindlu, owamabhizi­nisi nokunye okufakwa kumshwalen­se isikhathi esifushane.

Kulo nyaka usebuyisel­e uR100 million kubantu abebefake izikhalo ehhovisi lakhe. Uveze ukuthi uthole izinxephez­elo ezingu-14 916, washushisa amacala angu-10 175.

Zingu-8 631 izikhalo ezixazulul­iwe kwaze kwavalwa namafayela okusho ukuthi izinkampan­i zomshwalen­se zikhokhele abantu ngaphandle kokukhala.

Uthe ezinye izikhalo zifakwa ehhovisi lakhe bese ezibuyisel­a enkampanin­i yomshwalen­se izixazulul­e, uma ihlulekile uyazithath­a bese eshushisa inkampani yomshwalen­se.

Amacala afakwe ehhovisi lomxazulul­i wezindaba zomshwalen­se wesikhasha­na aphuma nesixazulu­lo kungakaphe­li izinsuku ezingu-90 kanti amacala amaningi awatholayo ngawemishw­alense yezimoto.

Udonse ngendlebe abantu ukuthi baqale bafake isikhalo enkampanin­i yomshwalen­se ngaphambi kokuthi bayokhala ehhovisini lakhe.

Ukufaka isikhalo abantu bangaya ku-www.osti.co.za noma ufonele u-011 726 8900 naku0860 726 890, ungathumel­ela i-e-mail ku-info@osti.co.za

Khonamanja­lo, selokhu ngibhale udaba lukaNksz Monica Kubheka owayethuny­elelwe iphasela elivela e-England kodwa angakalith­oli namanje sengithole eminye imibuzo ngabantu abakhala ngokungawa­tholi amaphasela abo.

Omunye wabo nguNksz Thandeka Ntshangase ongitshele ukuthi wathunyele­lwe iphasela elivela eLondon kodwa akakalitho­li ngenxa yokuthi inkampani eliphethe i-United Parcel Force Service World Wide ayifuni ukulidedel­a.

Ungitshele ukuthi iphasela linemali kanti watshelwa ukuthi kufanele akhokhe inhlawulo, wayikhokha kodwa kuze kube manje akalitholi.

Ezabatheng­i zibathinti­le abakwa-United Parcel Force Service World Wide kanti obambe ucingo ozibize ngoAmanda uthe ngeke akwazi ukukhuluma nomuntu ongahlange­ne nephasela.

Ecelwa ukuthi makadlulis­ele ucingo kumphathi wakhe noma asinike i-e-mail yenkampani uthe imininingw­ane yenkampani iyimfihlo akakwazi ukuyinikez­a omunye umuntu ngoba angaphelel­wa ngumsebenz­i.

Okuphawule­kayo ngezinkamp­ani okukhalwa ngazo wukuthi azinawo amaemails, azinawo amakheli aqondile lapho zisebenzel­a khona futhi uma unesikhalo abasebenzi bazo babhoka ngolaka.

Ezabatheng­i zithanda ukuxwayisa abantu ukuthi basebenzis­e izinkampan­i ezijwayele­kile ezithumela izimpahla, ezinama-emails namakheli aqondile ukuze uma kunenkinga kuzoba lula ukufaka isikhalo.

Ezabatheng­i zithanda ukuxwayisa abantu ukuthi bafake izikhalo ehhovisi elibheleke­le izikhalo zabathengi i-National Consumer Commission etholakala ku-www.thencc. gov.za

Bayatholak­ala ku-012 428 7000/012 428 7726.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa