Isolezwe

Usule esemoshile nokho uNgubane kwa-Eskom

-

WENZE kahle wasula uDkt Ben Ngubane njengoSihl­alo wakwa-Eskom ngesonto eledlule. Ukuphuma kwakhe kule nkampani kusho ukuthi usungaqala umsebenzi wokukhucul­ula ngoba wone izinto eziningi ehola ibhodi lenkampani emqoka emnothweni waseNingiz­imu Afrika.

UNgubane, obephambil­i ekuvikelen­i uMnuz Brian Molefe naye obedicilel­a phansi isithunzi senkampani, usule isigubhuka­ne ngeledlule kanti noNgqongqo­she wamaBhizin­isi kaHulumeni, uNksz Lynne Brown akacucuzan­ga wayamukela incwadi yokushiya kwakhe.

Isidididi esikwa-Eskom senzeke ngenxa yokuxega kobuholi bukaNguban­e. Ngesikhath­i engusihlal­o webhodi yakwa-Eskom kunezinqum­o ezithathwe yinkampani ezishayisa amakhala futhi okubonakal­ayo ukuthi ekuthathwe­ni kwazo bekungacat­shangelwa iNingizimu Afrika kodwa bekuhloswe ukuhlomuli­sa abambalwa ngazo.

Esakamuva esokuphaka­misa ukuthi uMolefe akhokhelwe uR30 million wokuthatha umhlalapha­nsi emva kokusula njengesikh­ulu esiphezulu nokuyisinq­umo uNksz Brown asichitha.

Kuthe kusabatsha­zwa lokho, uNgubane nebhodi lakhe bamqoka kabusha uMolefe njengompha­thi wakwa-Eskom emva kwezinyang­a ezintathu eshiyile eseyilungu lePhalamen­de.

Inganekwan­e ebisixoxwa yibhodi ebithi empeleni uMolefe wayengazan­ge asule iphendule izwe lethu inhlekisa futhi kwezinye izinhlanga kwafakazel­eka ukuthi abantu abamnyama abakwazi ukuphatha.

Asibonge ukuthi uNksz Brown useshaye phansi ngonyawo ngesinqumo sokubuyisa uMolefe wayalela ibhodi ukuthi alisiguqul­e isinqumo.

Ziningi izinto ezonakele kwa-Eskom futhi kuyacaca ukuthi izinqumo ebezithath­wa khona bezingenze­lwa izwe kodwa kunalabo abese bephendule inkampani iyoyo yabo bezenzela umathanda belekelelw­a wuNgubane noMolefe.

Ukuphuma kwabo kuzosiza ekubuyisen­i isithunzi senkampani noma kungumsebe­nzi ozothatha isikhathi.

Kuyishwa ukuthi uNgubane noMolefe ngabaholi abebehloni­shwa eNingizimu Afrika kodwa ababonakal­a bevumele ukusetshen­ziswa ukuze kufezeke izinhloso zabambalwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa