Akungadlalwa ngabantu basePalestina
MHLELI: Ukwesekwa kweziboshwa ezingaphezu kwezigidi eziyisithupha zamaPalestina bekungekhona nje ukuzwelana nabantu abalwela amalungelo abo. Lezi ziboshwa zisemajele ngenxa yesimo sezombusazwe esibangwa abakwaIsrael abangafuni ukukhulula amaPalestina. Iziboshwa beziteleke ngokuzila ukudla izinsuku ezingu-40 okuphele ngoMeyi.
Iziboshwa ezibhadla emajele kwa-Israel ziyisithombe sawo wonke amaPalestina eWest Bank, Gaza nasempumalanga yeJerusalema- esezibe phansi kwengcindezelo kusuka ngempi yango- 1967 eyaziwa nge-Six Day MHLELI: Ngivumele ngizwakalise ukukhathazeka kwami ngesimo sezempilo esifundazweni ikwaZulu-Natal. Ngikusho lokhu ngokubonakala kwenzeka ezibhedlela zonke.
Ukushoda kwemithi, izinsiza kusebenza kanye nabasebenzi.
Abasebenzi bezempilo bayacindezeka ngenxa yesimo abasebenza kuso, ikakhulukazi abahlengikazi. Lokhu ngikubone ngilele kwesinye sezibhedlela lapho khona abahlengikazi ababili benakekela iziguli eziwu-38.
Okodokotela kuyihlazo ngoba udokotela oyedwa ezibhedleleni ezincane War. Kwa-Israel bagubhe lolu suku njenge “nkululeko” yenhloko dolobha iJerusalema kodwa kumaPalestina lengcindezelo isibe isigwebo iminyaka engu- 50.
AmaPalestina aphila ngaphansi kobugqila obungamele yonke ingxenye yempilo yawo kusukela bezalwa kuze kube ayahamba emhlabeni. Isizwe sonke samaPalestina silawulwa kwa-Israel. Ngisho ukuhambela emazweni aphesheya nakho kuyalawulwa. Uma uke waphula le migomo ulahlekelwa inkulukelo yokuhamba, imvume yomsebenzi nangisho ilungelo lokushada othandana naye.
Kwa-Israel bathi lokhu bakwenza ngenxa yokuqinisa ezokuphepha. Kuyacaca ukuthi into ehamba phambili ukuphepha kwabo kuphela. Siyazi ukuthi kwa Israel ziqinile ezokuphepha. Singasho singananazi ukuthi amaPalestina wona awatholi lutho uma kuza kwezokuphepha ngingasayiphathi ke eyamalungelo.
AmaPalestina angaphansi kweminyaka engu- 50 awayazi nhlobo inkululeko. Selokhu kwathi nhlo baphethwe ohulumeni bakwa-Israel abashintshana ngabo. Abakwa-Israel bathi lokhu kusemthethweni ngokomthetho wamazwe omhlaba. Nokho ke akunjalo neze.
Kuyo yonke le minyaka engu- 50 edlule ukucindezelwa kwamaPalestina sekuyinto eyamukelekile. Elakwa-Israel lisebenzisa “imigudu yoxolo” ukuthi lithenge isikhathi ukucindezela amaPalestina.
Buka nje, uBenjamin Netanyahu usebe undunankulu wakuleliya lizwe kusukela ngo1993 kuqala lezi zingxoxo zokudala “uxolo.”
Lolu xolo mbumbulu alukaze lube nezithelo. Kodwa akakaze uNetanyahu aphumele esidlangalaleni athi amaPalestina awabe nezwe lawo elizimele.
Akumele amazwe omhlaba avumele ukuthi u-Israel uqhubeke nokucindezela abantu iminyaka engu-50. AmaPalestina anelungelo lokuzimela, ilungelo lempilo nesithunzi sawo. Konke lokhu sekunqatshiwe isikhathi eside.
UMarwan Bargouthi, oboshelwe ukulwela amalungelo amaPalestina uphawule kanje ngenkathi kunesiteleka sokuzila ukudla : Usuku lokugcina lwencindezelo luzoba usuku lokuqala loxolo”.
Sesifike isikhathi sokuthi u-Israel azwelane neziboshwa. Kuyoze kube nini zicindezelwe na? Suraya Dadoo UMNCWANINGI WENHLANGANO IMEDIA REVIEW NETWORK ENGENZI NZUZO EZINZE EGOLI