Kushone abayisihlanu ezingozini eKZN
KUSHONE abantu abahlanu ezingozini ezehlukene KwaZuluNatal ngempelasonto.
NgoLwesihlanu eMgungundlovu kushone abantu abathathu ngesikhathi kushayisana imoto encane neveni emgwaqweni iNew England.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo baka-ER24, uNksz Ineke Van Huyssteen, uthe akukho abebengakwenza njengoba befike selidume ladlula kulaba abathathu.
“Umshayeli weveni ubevalelekile emotweni yakhe kodwa simkhiphile waphuthunyiswa esibhedlela.”
Kwenye ingozi eyenzeke ku-N2 eMtentweni ngasePort Shepstone ngoMgqibelo kushone umuntu oyedwa ngesikhathi kushayisana izimoto.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal, uMnuz Robert McKenzie, uthe akukho obekungenziwa ukuhlenga impilo yoshonile ngoba bafike endaweni okwenzeke kuyo ingozi eseshonile.
Kwenye ingozi kushone umuntu oyedwa kwathi abanye abane balimala kanzima ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayisa izinsimbi ezisonqenqemeni lomgaqo, emgwaqweni iFields Hill, ePinetown, ngoMgqibelo ebusuku.
Okhulumela abakwa-ER24, uNksz Annine Siddall, uthe kukholakala ukuthi umshayeli weToyota Corolla uhlulekile ukuyilawula yaphuma emgwaqweni.
Ingozi kuthiwa yenzeke ngezithuba zawo 10.30 ebusuku.
Abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 bafike endaweni yengozi bathola ukuthi imoto ibachithele ngaphandle ngesikhathi ishayisa.
Omunye wabagibeli ushonele endaweni yesigameko.
Umshayeli nabanye abathathu baphuthunyiswe esibhedlela eRK Khan.
Amaphoyisa ayaphenya ngalezi zingozi.