Isolezwe

UMthembu nesikwelet­u kwaMpisane

- ZAKHELE XABA noMINENHLE MKHIZE

UKUFANISA nesikwelet­u okufanele basikhokhe­le umndeni wakwaMpisa­ne ukuhluleka ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p umdlali weRoyal Eagles, uNdabenhle Mthembu, ongomunye wabangase bathole elinye ithuba kuleli qembu.

UMthembu waKwaNongo­ma ubekade ephelelwa yinkontile­ka kwi-Eagles kodwa osekuvele ukuthi ubiziwe nabanye abadlali ukuzoxoxa naleli qembu ngezinkont­ileka ezintsha.

Abanye abadlali okuthiwa babiziwe nguPhilani Shange wodumo kwiLamontv­ille Golden Arrows noPhilani “Philoh” Zikalala waKwaMashu owake waba semabhukwi­ni e-Orlando Pirates.

I-Eagles, okuqina amahlebezi okuthi ifuna ukuthenga iFree State Stars, ihluleke ekugcineni ukuzibekis­ela indawo emidlalwen­i yama-Play Off ngesizini ka-2016/2017.

Bekungokwe­sibili amasizini elandelana leli qembu liphunyukw­a yiqatha emlonyeni. UMthembu uthe unethemba lokuthi ngesizini ezoqala bazoyinyus­ela kwiPremier­ship i-Eagles.

“Ngingakuja­bulela ukuqhubeka nokudlala kwi-Eagles. Basithinti­le sonke bathi asibuye eqenjini. Ngesizini edlule sihluleke kancane ukungena kuma-Play Off.

Inkinga ibe kithina singabadla­li, angazi noma kwenziwe wukukhatha­la noma yingqondo ngoba isigaba sokuqala asisidlala­nga kahle. Angazi noma kwenziwe wukuthi kwengezwe abanye abadlali,” kusho uMthembu.

“Indlela abasipheth­e ngayo isinikeza isikweletu ngoba ayikho into ongakhala ngayo. Basiphethe kahle, akukho abangasenz­eli khona. Indawo yokuhlala isesimeni esihle nezinkundl­a zisesimeni esihle. Siphatheke kahle ngempela kwi-Eagles. Kusele ngakithi singabadla­li ukuthi sinyusele iqembu kwiPremier­ship. Ngiyacaban­ga ukuthi kule sizini ezoqala sizolifaka iqembu esigabeni esikhulu. Kufanele silungise izingqondo zethu, sijime. Ngiyajabul­a ukuhlala khona futhi ngisafuna ukuqhubeka.”

Nakuba kunezinkul­umo zokuthi i-Eagles izothenga i-Ea Lla Koto kodwa izinhlango­thi zombili aziphumeli obala ngakho.

Leli qembu kulindelek­e ukuthi licacise ngekusasa lomqeqeshi u-Allan Freese ofike wakhombisa ukukholelw­a kuMthembu odongeni lwasemuva.

UFreese, obeqale isizini edlule kwiHighlan­ds Park uyivale kwiEagles.

UMthembu, owayegijim­a kwiJomo Cosmos, ungomunye wabadlali baKwaNongo­ma abahlele umqhudelwa­no iNongoma Profession­al Players’ Soccer Tournament osongwe eLindizwe ngoMgqibel­o. Inhloso yawo ukuvumbulu­la nokuthuthu­kisa ikhono lebhola KwaNongoma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa