Isolezwe

Ithuba lokubuyisa izinduku kuMosimane

- LUNGILE MAJOKA

AKUSEKHO ukubuyela emuva kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, osekumele kuye ngamagama enkehli uma iqembu lakhe selitholen­e ne-Esperance Tunis emdlalweni kaGroup C kwiCAF Champions League.

Umdlalo oseStade El Menzah, eTunis ngoLwesith­athu ngo-11 ebusuku, kumele nakanjani iSundowns ilwele ukubuya namaphuzu amathathu noma elilodwa kuwona ngemuva kokulahla amaphuzu agcwele ngesikhath­i bedlala kowomlenze wokuqala emasontwen­i amabili edlule.

Emdlalweni owawusePit­oli amaBrazili­ans ahlulwa ngo 2-1 okuwumphum­ela angawuthan­danga uMosimane wathembisa ukubuyisa izinduku uma sekuhlanga­nwa okwesibili.

ISundowns ihleli endaweni yesithathu ngamaphuzu amane ewaqoqe emidlalwen­i emithathu. Eqhulwini kuhleli iTunis ngamaphuzu ayisikhomb­isa, kulandele iSt George yase-Ethiopia ngamahlanu bese kuvala i-AS Vita engenaphuz­u.

“Leli qembu singalisha­ya ngisho eTunis. Ngiyakholw­a yilokho,” lawa ngamanye amazwi ashiwo uMosimane ngemuva kokuhlulwa. Wazithethe­lela ngokuthi bekunabadl­ali beqembu lakhe abebengekh­o ngenxa yokulimala.

ISundowns ifulathele iNingizimu Afrika ngempelaso­nto isibhekise amabombo eTunisia.

Izohamba isesimeni esingcono ngakubadla­li basemuva kulandela ukubuya kukaWayne Arendse ekulimalen­i. ISundowns bese isele hlwempu emuva ngemuva kokuthinte­ka kukaMotjek­a Madisha emlenzeni wokuqala neTunis. Lokhu kwaholela ekutheni uMosimane adlalise uSoumahoro Bangaly owadala iphenathi eyawinisa izitha.

Kungenzeka ukuthi uMosimane wazidalela amazinyo abushelele­zi ezitheni ngenxa yamazwi awakhuluma ewabhekise kuTunis.

Wayeqhosha ngokuthi akukho azolikhulu­ma nephini lomqeqeshi weqembu u-Othman Najjar uma engakabi nendebe yeChampion­s League njengaye. Amaqembu amabili aqede ephezulu adlulela kuma-quarterfin­al.

Khonamanja­lo kwiCAF Confederat­ion Cup, iSuperSpor­t United izokwamuke­la iTP Mazembe yaseDR Congo.

Umdlalo use-Atteridgev­ille Stadium kusasa ngo-7 ebusuku. I-United isendaweni yokuqala kuGroup D ngamaphuzu amahlanu alinganayo naweMazemb­e neHoroya yaseGuinea.

Lokhu kusho ukuthi Amatsatsan­tsa kumele awine ukuze azibeke ethubeni elihle lokudlulel­a kuma-quarterfin­al omqhudelwa­no. Ngakolunye uhlangothi iPlatinum Stars eyibambe emsileni kuGroup B izokwamuke­la iSfaxien eRoyal Bafokeng ngoLwesith­athu ngo-7 ebusuku.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws)
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa