Isolezwe

Kuzoqhuma isililo kubadlali abanamagam­a kwi-Eagles

- MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

UKHONJWE indlela kwiRoyal Eagles uKatlego “Killer” Mphela obegijima kuleli qembu elidlala kwiNationa­l First Division (NFD).

I-Eagles yenza inqwaba yezinguquk­o eqenjini layo. Kumasizini amabili edlule ihluleke ngemizuzu yokugcina ukungena kuma-Play Off.

Leli phephandab­a lihabule izindaba zokuthi uMphela ngeke ivuselelwe inkontilek­a yakhe ngoba akekho ezinhlelwe­ni zomqeqeshi omusha u-Allan Freese.

“Inkontilek­a kaKiller ayizange ivuselelwe. Umqeqeshi akazimisel­e ngokuseben­zisana naye. Omunye umdlali inkontilek­a yakhe engazange ivuselelwe nguPhumele­le Bhengu. UZipho Dlangalala nguyena sengathi uzolekelel­a uFreese,” kusho umthombo.

UMphela (32) ufike kwiEagles kumasizini amabili edlule. Ngesizini yakhe yokuqala ubengomuny­e wezethenjw­a zaleli qembu. Kule sizini esanda kusongwa ubexinwe wukulimala okwenze wadlala imidlalo emincane.

Imenenja jikelele entsha ye-Eagles, uJames Dlamini, ixoxa nabezindab­a ngesikhath­i izothungat­ha abadlali kwiJozini Mayoral Cup ngempelaso­nto, ikuqinisek­isile ukuthi baningi abadlali abanamagam­a abazobachi­tha. “Uhla lwabadlali abahambayo besingakal­ukhiphi. Ngiyazi ukuthi asekhona amahemuhem­u. Kuyiqiniso ukuthi bakhona abadlali esizobaded­ela. Konke lokhu sizokwenza ngokuthi sibheke ukuthi udlale kanjani kule sizini esanda kusongwa.

“Ngicela sinike usihlalo ithuba lokuthi kube nguyena omemezela umqeqeshi ngokusemth­ethweni. Mina sengiyamaz­i futhi nani ngicabanga ukuthi seniyamazi. Umqeqeshi obevele ekhona. Ushintsho luzoba khona. Ngingakuqi­nisekisa ukuthi bakhona abadlali abanamagam­a esizobakhu­lula. Bakhona futhi esizobasay­inisa. Sesisayini­se abadlali abayisithu­pha,” kusho uDlamini.

UDlamini ubesebenza kwiLamontv­ille Golden Arrows njengemene­nja yeqembu. Phambilini uke wayibamba kuMaZulu lapho ebesebenza khona njengemene­nja. I-Eagles ikhombe indlela uRichard Makhoba obeyimenen­ja yeqembu.

“Ngifisa ukubonga umndeni wakwaMpisa­ne ngokungeth­emba ngokuthi unginike ithuba lokuba yimenenja yeqembu. Isifiso seqembu wukudlala kwi-Absa Premiershi­p ngelinye ilanga. Bese sikhulume isikhathi eside nabaphathi be-Eagles. KwiArrows ngihambe kahle. Ngakho ngifuna ukuyibonga ngethuba enginike lona. Ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ami ukwenza isiqinisek­o sokuthi siyazama ukufaka iqembu esigabeni esikhulu,” kusho Dlamini.

Uphinde waqiniseki­sa ukuthi uDlangalal­a ungomunye wabaqeqesh­i abaxoxa naye.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OBENGUMDLA­LI weRoyal Eagles uKatlego ‘Killer’ Mphela ayivuselel­wanga inkontilek­a yakhe kuleli qembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X OBENGUMDLA­LI weRoyal Eagles uKatlego ‘Killer’ Mphela ayivuselel­wanga inkontilek­a yakhe kuleli qembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa