Isolezwe

Ithuba kwabadlale kwiMayoral Cup

- MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

BAZOTHOLA ingqayiziv­ele yethuba lokuzidayi­sa emaqenjini agijima kwi-Absa Premiershi­p abadlali abashaye into ecokeme kwiJozini Mayoral Cup ngempelaso­nto eNdumo Sports Field, eJozini.

Ingwazi yeBafana Bafana, uHelman Mkhalele oseyiphini likaThabo Senong ocija iqembu lesizwe lika-Under 20, noBongano Yengwa, ozakhele udumo emaqenjini esizwe abesifazan­e, bebeqoka abadlali abadlala namaqembu aKwaZulu-Natal agijima kwiMultich­oice Diski Challenge.

UMasipala waseJozini ukhiphe u-R1 million uhlela iMayoral Cup. Wonke amaqembu abedlala kulo mqhudelwan­o ahlomule ngamajezi okudlala.

UYengwa exoxa neSolezwe ngemuva kwemidlalo udalule ukuthi beneme ngekhono elitshengi­swe abadlali baseJozini.

“Besiqoka abafana abangaphan­si kuka-21 weminyaka abanesifis­o sokudlala kwiPremier Soccer League (PSL). Bazodlala namaqembu adlala kwiMultich­oice Diski Challenge.

“Abanye abashaye into ecokeme bazodlulel­a kwinhlolok­hono yabadlali abazomela uMkhanyaku­de kamaSalga Games. Seneme ngekhono elitshengi­swe abafana. “Ngikholwa wukuthi badinga isikhathi ngoba baneminyak­a engu-19, 20 no-21. Ziningi izingqinam­ba abasabheke­ne nazo ngenxa yendawo abakuyona,” kusho uYengwa.

Abantu baseJozini baphinde bathola ingqayiziv­ele yokubuka izingwazi ezazilihli­kihla kudala.

Phakathi kwabadlali abebakhe iqembu lezingwazi zePSL bekukhona uMbulelo “Old John” Mabizela, Siyabonga “Nsimbi” Sangweni, Bheka Phakathi, Tsepo Ntsoane, Siphesihle Ngobese, Papi “Ginger” Zothwane, Vusumuzi “Kanu” Vilakazi, Sandile “AK47” Ndlovu, Andile “Sguda” Cele, Dumisani “Makhokhoba” Ngwenya, Sithembiso “Imoto entshontsh­a imali” Ngcobo, Sipho Zimba, Nhlanhla Mshibe noNtokozo “Koloba” Sikhakhane.

UMkhalele uphonsele umasipala inselelo yokulungis­a izinkundla.

“Izinga belilihle kakhulu kodwa uyabona ukuthi kunamabhaw­odi axegayo okusamele siwaqinise. Into engijabuli­sa kakhulu wukuthi bayazinike­la.

“Uyabona ukuthi bayalithan­da ibhola. Asebekudin­ga manje wukuthi bathole abaqeqeshi abanamava ukuze bakhule ngendlela efanele. Enye into umasipala okumele ayilungise yindaba yezinkundl­a zokudlala,” kusho uMkhalele.

UDelani Mabika oyimeya yaseJozini udalule ukuthi bazoqhubek­a nokufaka imali kulo mqhudelwan­o ukuze kuvumbulul­we ikhono.

“Sikhiphe u-R1 million sihlela le midlalo. Sizokhipha omunye u-R1 million wokwenza into efana nale ngonyaka ozayo.

Ngaphezu kwalokho sizophinde sikhiphe u-R1.1 million wokusiza izingane ezifuna ukubhalise­la ukufunda emanyuvesi. Abantu bayithokoz­ele kakhulu imidlalo.

“Abanye bahlale bebezwa emisakazwe­ni nakuthelev­ishini laba badlali abebebabon­ela eduze namuhla. IRoyal Eagles ibikhona izothungat­ha ikhono. Kunabadlal­i ezobathath­a.

“Ngaphandle kwalokho kunesikwat­i esizodlala namaqembu adlala kwiPSL. Izinsuku zemidlalo sisazozime­mezela. Inhloso yethu wukubona abafana abancane abanekhono bemele indawo yaseJozini esigabeni esikhulu,” kusho uMabika.

 ??  ??
 ??  ?? INGXENYE yabadlali abaqokwe kwiJozini Mayoral Cup ngempelaso­nto abazodlala imidlalo namaqembu eMultichoi­ce Diski Challenge uma sekuqala isizini Isithombe: ZAKHELE XABA
INGXENYE yabadlali abaqokwe kwiJozini Mayoral Cup ngempelaso­nto abazodlala imidlalo namaqembu eMultichoi­ce Diski Challenge uma sekuqala isizini Isithombe: ZAKHELE XABA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa