‘Akayi ndawo uThobejane’
UKUTHATHA umhlalaphansi yikona okuyohlukanisa uKgoloko Thobejane (osesithombeni) nomsebenzi wokupheka iBaroka FC egcine indawo yayo esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL).
IBaroka ibambane ngo 1-1 nabakhaya bayo baseLimpopo, iBlack Leopards, emdlalweni wokugcina wama-Play Off eThohoyandou ngempelasonto. IBakgaga ibize kulo mdlalo wokugcina idinga ukungashaywa obekungenzeka kuyiphazamise emizameni yokubuyela kwi-Absa Premiership abaqede kuyona endaweni ka-15 ku-log.
Isizini edlule bekungeyokuqala yeBakgaga esigabeni esiphezulu. Iqembu likaMphahlele, umqeqeshi walo uThobejane, ubefike wathembisa ukucoboshisa kwasani kwiPremiership ukuze badle isicoco seligi. Nokho akuyanga ngamazwi akhe beqoqa amaphuzu awu-28 emidlalweni ewu-30, okubafake kuma-Play Off obekukhona kuwona neStellenbsoch FC. Kweyokuhlunga iBaroka ibambane ngo 2-2 neStellebosch yaphinde yayishaya ngo 2-0. ILeopards iyishaye ngo 2-1 base bedlale ngokulingana ngoMgqibelo. Njengoba isiyigcinile indawo yayo, usihlalo uKhurishi Mphahlele, ukusho kwagcwala umlomo ukuthi uThobejane akayi ndawo.
“Sizamile ukuthola abanye abaqeqeshi njengoJacob Sakala noMilton (Dlamini) kodwa kwangasisebenzela lokho. Laba baqeqeshi bafike lapha bahlulwe yisimo sempilo. Yisemakhaya la, awukwazi ukuphatha abadlali sengathi useGoli. UKgoloko siqale naye, uyohlezi esiqeqesha uyoze azisholo yena ukuthi usekhathele. Udinga nje ukuthi njengoba kusavaliwe enze izifundo zokuthuthukisa ulwazi lwakhe lokuqeqesha,” kusho uMphahlele.
Uthe uzoxoxa noGreg Etafia mayelana nokuthi aqhubeke njengomqeqeshi wonozinti.
“Usebenze kahle noKgoloko ngizokhuluma naye njengoba inkontileka yakhe iphela. Bebesizana kahle nasebhentshini. Ubekwazi nokuthatha amanothi uma kudlalwa, amsize nangabadlali okumele bashintshwe,” kusho uMphahlele.
Uthe bazoqinisa iqembu ngabadlali abasha.