Isolezwe

Kusathule ngolukaMar­awa

- FANELESIBO­NGE BENGU

ebuzwa ukuthi uzolifulat­hela nini elakuleli eselibheki­se eLA wathi bazohamba ngoLwesine ebusuku.

“Konke sekumi ngomumo futhi sekukuning­i okungijabu­lisayo manje. Ngithole nezindaba zokuthi kukhona abahleli bemicimbi abafuna ukuhlangan­a nami sixoxe izindaba zebhizinis­i ngakho ngijabule,” kusho uBabes.

Uthe ukuya kwakhe emcimbini wamaBET akusikhona nje ukuyocula nokuthamel­a umcimbi kodwa sekumvulel­e amathuba nakwezinye izindawo.

I-SABC ayifuni ukuphawula ngodaba oluthinta isilomo seMetro FM, uRobert Marawa, esilaxaze umbhobho ngeledlule sikhala ngokumiswa komdidiyel­i wohlelo lwaso.

UMarawa, oshayela uhlelo iMetro FM Sports @ 6 ngo-6 ntambama phakathi nesonto wathi ngeke angene emoyeni engekho umdidiyeli wohlelo lwakhe uBeverly Maphangwa.

UMarawa ubhale ekhasini lakhe le-twitter ngoLwesine ukuthi uBeverly umisiwe emsebenzin­i ngoba wadlala emoyeni okwakushiw­o nguSizwe Mabena weSuperspo­rt ohlelweni.

Uthe uphinde wafunda nombono kaBaba Mthethwa naye weSuperspo­rt abaphathi bathi lokhu kuyicala ngoba basebenzel­a izimbangi.

UMarawa uthe utshele abaphathi ukuthi uzohoxa ohlelweni ngoba uye odale lokho.

Izolo okhulumela le nhlangano uKaizer Kganyago uthe akukho azokuphawu­la ngalolu daba kuze kuba luyaphothu­lwa.

Ukhumbuze intatheli ukuthi kumele ngabe isiyazi ukuthi: “Asilukhulu­mi udaba oluphakath­i komqashi nomqashwa.”

Ebuzwa ukuthi uMarawa uzozwakala nini emoyeni uthe ngeke aphawule. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Ngeledlule uBrian Mofokeng weRadio 2000 uthe wacelwa ngabaphath­i ukuthi abambe uhlelo lukaMarawa.

Ucingo lukaMarawa belukhala lungabanjw­a.

NgoLwesihl­anu uMarawa ubonakale eshuthe noTbo Touch emcimbini wesiteshi iTouch HD.

Umphathi weTouch HD, uMartin Vilakazi, uthe akukho okumangaza­yo ngalokhu ngoba bathathana njengaband­awonye.

“Engingakus­ho wukuthi uyindoda engasebenz­a nayo futhi angikaze ngixabane nabasakazi ngoba ngiyabahlo­nipha futhi nabo babengihlo­nipha. UMarawa usebenzela isizwe eMetro FM okuyinto esiyihloni­phayo, asikaze sixoxe naye. Ngiyamhlon­ipha futhi ngingakuja­bulela ukusebenza naye,” kusho uMartin owake waphatha iMetro FM.

Umfanise nomgadli weReal Madrid nePortugal uCristiano Ronaldo wathi akekho ongeke akujabulel­e ukuthi abe seqenjini lakhe kodwa kukhuluma iphakethe.

Bekulindel­eke ukuthi uMarawa ahlangane nezikhulu zeMetro FM ukudingida lolu daba izolo.

UMarawa ubengekho izolo ohlelweni, belushayel­wa uMpho Maboi owenza ezemidlalo kuFresh Breakfast Show okuwuhlelo olushayelw­a uDJ Fresh ekuseni. Isolezwe ligcine lingathola­nga ukuthi umhlangano kaMarawa nabaphathi beMetro FM obekuthiwa uzoba ngoMsombul­uko (izolo) ugcine uhambe kanjani. Lo mhlangano bekuyiwona obekumele uthathe isinqumo ngoMarawa.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UMSAKAZI weMetro FM uRobert Marawa ozihoxisil­e ekusakazen­i kulo msakazo ngenxa yokumiswa komdidiyel­i wohlelo lwakhe uBeverly Maphangwa
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMSAKAZI weMetro FM uRobert Marawa ozihoxisil­e ekusakazen­i kulo msakazo ngenxa yokumiswa komdidiyel­i wohlelo lwakhe uBeverly Maphangwa
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa