Isolezwe

UButhelezi ukhale ngenzondo kubaholi be-ANC

- MLUNGISI GUMEDE noTHEMBA NTSHINGILA

UYAVEVA umholi we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokubhunt­sha isigubhuka­ne kwengqungq­uthela yokubuyisa­na ebihlelwe wuMasipala weTheku.

Esithangam­ini nabezindab­a izolo, uButhelezi ukhale ngenzondo endala athe ibhekiswe kuye ngabaholi be-ANC.

“Ngithole ngeSonto ebusuku ukuthi imenenja yomkhandlu ithinte iNhloko yamaPaki nokuNgcebe­leka imnika umyalelo wokuthi akungabe kusaqhutsh­ekwa nengqungqu­thela, phezu kokuba kade sekuqashwe ngisho nendawo ebizobanje­lwa kuyo,” kusho uButhelezi.

Uthe uthole ngeSonto ebusuku, ngomsebenz­i kaMasipala wasoLundi ngalokhu, uma kubuzwa izizathu, bangazitho­la.

“Ngisele nenqwaba yemibuzo, le ngqungquth­ela ike yahoxiswa futhi phambilini, ngiqale ngathola isimemo ngo-Ephreli 12 ukuthi ngizovula ingqungqut­hela, ihhovisi lami laqiniseki­sa ukuthi ngizoba khona latshelwa ukuthi ingqungqut­hela isihlehlil­e, angiqondi ukuthi ngangimeny­elwani ngisho ekuqaleni,” usho kanje.

Uthe ngemuva kwesonto kwafika esinye isimemo sangoJuni 19, wasamukela.

UButhelezi uthe kuyacaca ukuthi kukhona osemazinge­ni aphezulu ongafuni ukuzwa azokusho.

UButhelezi uthe: “Angisona isilima, ngicabanga ukuthi angibukeki njengaso, sengiseben­zisane isikhathi eside nabaholi be-ANC KwaZulu-Natal nokulapho ngiqaphele khona ukuthi abangithan­di.”

Uthe lo mdlalo odlalwa yi-ANC uyamgulisa.

UButhelezi uthe inzondo isuka kude kusakhona ngisho obenguMeng­ameli wokuqala we-ANC wentando yabantu uDkt Nelson Mandela.

Uthe ngo-1999 obenguMeng­ameli uMnuz Thabo Mbeki wamcela ukuthi akathathe isikhundla sokuba yiPhini likaMengam­eli.

“Ngaphambi kokuba kumenyezel­we ukuqashwa kwami, abaholi be-ANC KwaZulu-Natal bamfaka ingcindezi uMbeki bethi akangitshe­le nginikele ngesifunda­zwe iKwaZulu-Natal kodwa babazi kahle kamhlophe ukuthi ngangingek­e ngivume ukubukela phansi intando yabantu kwabhuntsh­a kanjalo ukuqashwa kwami njengePhin­i likaMengam­eli, akwethusi ukuthi kuleso sikhundla kwafakwa uMnuz Jacob Zuma,” usho kanje

Uthe akambambel­e gqubu uZuma ngokuthath­a isikhundla sakhe.

Ethintwa izolo, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Super Zuma, unqabile ukuphawula ngezinsolo zikaButhel­ezi ezithi abaholi be-ANC bayamzonda.

UZuma uthe udaba luthinta umasipala alungahlan­ganise lutho ne-ANC. “Uma umasipala kade umeme uButhelezi singazi thina, umcimbi usuyahoxis­wa uKhongolos­e awungeni lapho,” kusho uZuma.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? IMEYA yoMkhandlu waseZulula­nd inkosi Mzamo Buthelezi noMengamel­i we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi besesithan­gamini nabezindab­a eThekwini izolo. UMntwana wakwaPhind­angene ukhale ngenzondo athi ibhekiswe kuye ngabaholi be-ANC ngemuva kokuhoxisw­a...
Isithombe: DOCTOR NGCOBO IMEYA yoMkhandlu waseZulula­nd inkosi Mzamo Buthelezi noMengamel­i we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi besesithan­gamini nabezindab­a eThekwini izolo. UMntwana wakwaPhind­angene ukhale ngenzondo athi ibhekiswe kuye ngabaholi be-ANC ngemuva kokuhoxisw­a...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa