Isolezwe

Basale nemibuzo kubulawa u-matron

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSOLWA ukuthi belifuna imali isoka lika-matron elimnqume intamo, lamqoba ngommese, labe seliziphos­a ezimotweni libaleka, lashonela esibhedlel­a, eMnambithi.

UNkk Busisiwe Ndaba (57) obesebenza esibhedlel­a iLadysmith ubulewe emzini wakhe eMkhamba, eMnambithi ngoLwesihl­anu.

Lokhu kuthiwa kwenzeke phambi kwendodaka­zi yakhe eneminyaka engu-18.

Osolwa kuleli cala, uMnuz Sthembiso Hadebe (44), naye ugcine eshonele esibhedlel­a ngoMgqibel­o ngemuva kokushayis­wa yimoto.

Emuva kokubhokod­a uNkk Ndaba ngommese kuthiwa udumele i-battery esemotweni endala egcekeni engasebenz­i wazama ukuphuza amanzi ayo.

Kuthiwa uphinde wasuka ngejubane ebaleka nokuyilaph­o eziphonse khona ezimotweni ebezihamba emgwaqweni washayisek­a.

Kuthintwa umndeni kaNkk Ndaba, ubabekazi wakhe uNkk Ntombifiki­le Gumede, ophinde abe uSomlomo kuMasipala Ugu, uthe bashaqekil­e futhi badiniwe ngokwenzek­ile.

“Singumnden­i siyazibuza ukuthi kungani ebulele uBusi (Nkk Ndaba), kuyimanje ushonile lo muntu (umsolwa) asazi ubani osezositsh­ela isizathu sakwenzile. Sisele nezinsolo nje, sisola ukuthi mhlawumbe ubefuna imali kaBusi noma izinto zikaBusi ngoba ubesanda kuhola ngomhla ka-15. Konke lokho nje siyafunise­la ngoba nombulali obezosiphe­ndula akasekho,” kusho uNkk Gumede.

Isolezwe lithole ukuthi umsolwa ubelokhu ekhala ngokuthi ubelindele i-sms ebika ukuthi imali ingenile ebhange lakhe kodwa ingafiki.

Abomndeni baveze ukuthi bebengenal­o ulwazi ngobudlelw­ano bukaNkk Ndaba nomsolwa kodwa batholile ukuthi bebethanda­na.

Umyeni kaNkk Ndaba washona eminyakeni eyisikhomb­isa eyedlule.

UNkk Gumede uthe ubengakaze acabange ukuthi umufi angaba yisisulu sodlame lwasekhaya.

“UBusi ulandele mina emndenini ngokuba unesi njengoba yena egcine esengumatr­on. Besihlale sikhuluma ngalezi zinto ezenzeka emphakathi­ni zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane ngingazits­heli ukuthi ngelinye ilanga uzoba yisisulu ngale ndlela. Kumele kulwiwe nesihlava sokubulawa kwabesifaz­ane bebulawa abesilisa,” kusho uNkk Gumede.

Uthe kuMasipala Ugu banemikhan­kaso eminingi yokulwa nalesi sihlava.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseMnambit­hi ayaphenya.

“Owesifazan­e oneminyaka engu-57 uficwe enqunywe intamo nomzimba wakhe uqotshiwe. Umsolwa ushayiswe yimoto ngesikhath­i ebaleka lapho umufi efele khona, naye ugcine eshonile,” kusho uZwane.

Kuthintwa uSomlomo wasoThukel­a, uNkk Dudu Mazibuko, uthe badumele ngokwenzek­ile wathi nabo bamatasa nemikhanka­so yokulwa nalesi sihlava.

“Owesifazan­e osuke ehlukumeze­ka akangahlal­i, akabike. Sikhathele abantu besilisa ababulala abesifazan­e ngesihluku njengoba kwenzekile ku-matron. Sekwanele,” kusho uNkk Mazibuko. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa