Isolezwe

Ukhalile ehluleka wukuqeda umjaho

- KHULEKANI MASEKO

UVELE wakhihla isililo umfana (14) ehluleka ukunqoba umjaho ka-10km abesethemb­ele kukho ukuze ashintshe isimo sakubo.

ULungisani Mathonsi ofunda uGrade 6 eNgaqa Primary, eMtubatuba, ubehlangan­yele emjahweni iQapheqolo Save the Rhino, obugijinye­lwa kule ndawo ngeSonto. Uqede ukugijima wazibhonqa phansi. Iningi lezithamel­i lizitshele ukuthi ukhaliswa yizinhlung­u zokuthatha ngamawala kwazise ushiye abaningi eqeda endaweni yesi-20 kubagijimi abangu 330.

Ngesikhath­i ebhuquza phansi kube khona ukusolana kubahleli bomcimbi abebecaban­ga ukuthi bekungamel­e avunyelwe ukugijima ibanga ngoba usemncane.

Ebuzwa ngesenzo sakhe, uLungisani uthe: “Bengifuna ukunqoba ukuze ngithole imali yokwakhela umama. Ekhaya siwu11 silala ndawonye ngoba izindlu zintathu kuphela futhi zakhiwe ngodaka. Ngelinye ilanga sike siye esikoleni singadlile ngoba umama akasebenzi, uthembele emalini yesibonele­lo sikahulume­ni nempesheni kagogo. Ubaba washona ngo-2014. Ngikhethe u-10km ngoba ngicabanga ukuthi unemali engcono kuno- 5km.” Imali ebizowinwa wu-R2000. Abahleli bomjaho – ikhansela nosomabhiz­inisi wendawo – baphikelel­e kwabo bafike bazibonela isimo esingesihl­e somndeni. Bafice uninakhulu kaLungisan­i, uNkk Hlalisile Mathonsi, naye okhale ngokuthi sekudingek­a ukuthi aqukulwe uma ephumela emnyango ngenxa yokuthi akasakwazi ngisho ukuzihambe­la.

“Isimo sakulo muzi silukhuni. Izingane ziphila kanzima nami kuze kudingeke ngiqashe imoto uma ngiya kohola ngoba sengaba yinto ehlala ilele ngenxa yokukhula,” kusho uNkk Mathonsi.

UMnuz Patros Thethwayo, ongusomabh­izinisi, uthembise ukwakhela umndeni indlu enamagumbi amathathu. Ikhansela, uMnuz Mxolisi Mthethwa, wathembisa igilosa ka-R1000 izinyanga ezinhlanu.

 ?? Izithombe: CEBO BUTHELEZI ?? UMUZI wakubo kaLungisan­i abegijimel­a ukushintsh­a isimo sawo
Izithombe: CEBO BUTHELEZI UMUZI wakubo kaLungisan­i abegijimel­a ukushintsh­a isimo sawo
 ??  ?? UQEDE umjaho wazibhonqa umgijimi osemncane uLungisani Mathonsi obekhihla isililo ngenxa yokuhlulek­a ukunqoba umjaho ka10km iQapheqolo Save the Rhino obuseMtuba­tuba, ngeSonto
UQEDE umjaho wazibhonqa umgijimi osemncane uLungisani Mathonsi obekhihla isililo ngenxa yokuhlulek­a ukunqoba umjaho ka10km iQapheqolo Save the Rhino obuseMtuba­tuba, ngeSonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa