Izwe lakwaZulu lihle, liwubugugu lona ngokwalo
SISAQHUBEKA nobugugu obuphathekayo. Ubugugu buncike kumuntu. Umuntu unegugu eliphelele uma enezwe lakhe. Angikhulumi ngezwe elizayo, elincikiselayo ngoba lilingana nesandla kepha leli eliphathekayo elikhona. Ubugugu esikhuluma ngabo obakwaZulu. Lihle izwe lakwaZulu. Liwubugugu ngisho kungaqhakambiswanga ndawo ekulo. UMdali walibusisa ngakho konke. Linemifula nolwandlekazi olungasoze lwasha. Linezintaba namagquma angumhlobiso wemvelo. Linamahlathi ayikhaya elifudumele lezilwane, ezinkulu nezincane. Linalo lonke uhlobo lwenhlanzi. Linenhlabathi enonile ekhiqiza imifino ubusika nehlobo.
Lungasha kanjani ulwandle kunezintaba ezikhala amanzi? Lushe kanjani kunemifula egobhoza ubusika nehlobo? Lushe luthi imikhumbi enqamula amazwe, ithutha impahla, izontanta kuphi? Ziphele kanjani izinyamazane ezehlule sebeziqoqa, bezivalela, bethi sekungezabo? Iphele kanjani inkomo kaZulu eyahlula umbendeni? Iqedwe yini inkomo kaZulu eyahlula idiphu? Eyanda sekuthiwa aziphungulwe ngoba ziqothula utshani?
Leli lizwe ngiliqhathanisa nelabeSuthu nelamaSwazi esakhelene nawo. Kumanje lawa mazwe azimele. Ukuzimela kwawo akuphelele lingekho izwe lakwaZulu athembele kulo. Kwayona iNingizimu Afrika ayiphelele lingekho izwe lakwaZulu. Uma kungasa selinyamalele izwe lakwaZulu angafisa ukunyamalala nalawa mazwe. Pho yini engahlula ukuzimela ezweni lakwaZulu? Yini engavimba ukuzethemba kumaZulu?
Leli lizwe lakhiwa yiqhawe, iNgonyama yeziNgonyama, uShaka. Egazini lami nelakho kugijima ubuqhawe. Ingakhala mi kodwa le Ngonyama uma ingavuka ibone izimanga zamaZulu. Ibone amaZulu esabayo ukuqala nokusungula. Ibone amavaka ahlale engabaza ethi wona aqalekiswa. Eqalekiswa ngubani? Ngokwethuswa nje kuthiwa awaphaphame angedlulwa yizinkonjane ezakhela ngodaka? Angahlakaniphi ngaphansi kwento encane kangaka, inyoni? Ngalokho iNgonyama yayiqonde abamhlophe? Baze bahlakanipha bo!
Laze lalihle izwe nezintombi ezilihlobisile. Yinhle imvunulo yezinsizwa nezintombi. Yinhle imvunulo yamakhosikazi esindwa izidwaba. Ezinye izizwe ziyayilubalubela imvunulo yakwaZulu. Kuyadabukisa kodwa ukungaziboni amandla nobuhle onabo. Leyo mvunulo yenanelwa amahubo anesigqi esingayiwa. Yenanelwa umgqumo wokusina nokuviliyela nezaga zezinsizwa nezintombi. Imidlalo yonke yakwaZulu ayizibeki. Nongaluzwa ulimi okugiywa ngalo uyema abukele ethathekile. Lawo maculo nezaga yiwona okuliwa ngawo izwe lonke. Ngisho iToyitoyi ayiphelele engekho amahubo neziqubulo zakwaZulu. Naleli lizwe ngabe alibuyanga.
Nakuba siyakhuluma ukuthi leli lizwe alikabhubhi kungamandla enkolo yakwaZulu. Maningi amaZulu akhonza lapho okufanele akhonze khona, hhayi konkulunkulu babezizwe. Kunzima uma seninikela ngisho nangenkolo yenu. Kunzima uma senizithuka nithi nina nizalwa amadimoni. Mazibuye emasisweni. Mazibuye emahlathini. Masikhuphukele ezintabeni zakithi siyokhuleka. Masikhulekele izwe lakithi. Seyitholakele inkululeko yamalungelo kodwa ilungelo lezwe lakithi alikabi bikho. Ilungelo lokuba umZulu phaqa siyalixwaya, siyazenyeza ngalo. Asikwazi ukuba nobugugu obuthi thina nobuyithina uma sisesaba ubuhlanga. Ungaba yisizwe kanjani ungenabuhlanga?
Yisikhathi sokuphumela obala qekelele. Seyiminingi iminyaka kwaba khona inkululeko. Izwe lakwaZulu liyilindele eyalo inkululeko. Inkululeko yomZulu iyomenza adle ukudla kwakwabo ngonoqhakala. Iyomenza embathe izembatho zakubo ngomzimba ongenaqhuqhuva. Iyomenza akhulume ulimi lwakhe engazenyezi. Uthi uyazi ukuthi bangaki abakhuluma isiZulu bengewona amaZulu? Uyazi ukuthi bangaki abafisa ukuba ngamaZulu? Uyazi ukuthi lesi sizwe sihlonishwa ngisho phesheya kwezilwandle? Uma bebona umuntu omnyama bathi babone umZulu. UmZulu unomlando ongacimeki. Kwakungeyona into encane ukwehlula amaNgisi ephethe izinhlokohlela zezibhamu nombayimbayi. Namanje akawuhlanganisi umlomo.
Isithunzi somZulu siyobuya mhla kubuya ubuyena. Insizwa yakwaZulu ayibashayi abesifazane nezingane. Insizwa yakwaZulu iyaqonywa igcwalise isithembu egcekeni. Izintombi izehlula ngolimi hhayi ngomuthi. Ubusoka busolimini. Insizwa yakwaZulu iyabavikela ababuthakathaka.
Intombi yakwaZulu iziqhayisa ngobuntombi bayo eyongena nabo emendweni. Ayiqomi kaningi. Iyawugcina umzimba wayo iwugcinela umyeni wayo.Ikheli lasemoyeni klmakhoba@ gmail.com