Isolezwe

Izwe lakwaZulu lihle, liwubugugu lona ngokwalo

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

SISAQHUBEK­A nobugugu obuphathek­ayo. Ubugugu buncike kumuntu. Umuntu unegugu eliphelele uma enezwe lakhe. Angikhulum­i ngezwe elizayo, elincikise­layo ngoba lilingana nesandla kepha leli eliphathek­ayo elikhona. Ubugugu esikhuluma ngabo obakwaZulu. Lihle izwe lakwaZulu. Liwubugugu ngisho kungaqhaka­mbiswanga ndawo ekulo. UMdali walibusisa ngakho konke. Linemifula nolwandlek­azi olungasoze lwasha. Linezintab­a namagquma angumhlobi­so wemvelo. Linamahlat­hi ayikhaya elifudumel­e lezilwane, ezinkulu nezincane. Linalo lonke uhlobo lwenhlanzi. Linenhlaba­thi enonile ekhiqiza imifino ubusika nehlobo.

Lungasha kanjani ulwandle kunezintab­a ezikhala amanzi? Lushe kanjani kunemifula egobhoza ubusika nehlobo? Lushe luthi imikhumbi enqamula amazwe, ithutha impahla, izontanta kuphi? Ziphele kanjani izinyamaza­ne ezehlule sebeziqoqa, bezivalela, bethi sekungezab­o? Iphele kanjani inkomo kaZulu eyahlula umbendeni? Iqedwe yini inkomo kaZulu eyahlula idiphu? Eyanda sekuthiwa aziphungul­we ngoba ziqothula utshani?

Leli lizwe ngiliqhath­anisa nelabeSuth­u nelamaSwaz­i esakhelene nawo. Kumanje lawa mazwe azimele. Ukuzimela kwawo akuphelele lingekho izwe lakwaZulu athembele kulo. Kwayona iNingizimu Afrika ayiphelele lingekho izwe lakwaZulu. Uma kungasa selinyamal­ele izwe lakwaZulu angafisa ukunyamala­la nalawa mazwe. Pho yini engahlula ukuzimela ezweni lakwaZulu? Yini engavimba ukuzethemb­a kumaZulu?

Leli lizwe lakhiwa yiqhawe, iNgonyama yeziNgonya­ma, uShaka. Egazini lami nelakho kugijima ubuqhawe. Ingakhala mi kodwa le Ngonyama uma ingavuka ibone izimanga zamaZulu. Ibone amaZulu esabayo ukuqala nokusungul­a. Ibone amavaka ahlale engabaza ethi wona aqalekiswa. Eqalekiswa ngubani? Ngokwethus­wa nje kuthiwa awaphapham­e angedlulwa yizinkonja­ne ezakhela ngodaka? Angahlakan­iphi ngaphansi kwento encane kangaka, inyoni? Ngalokho iNgonyama yayiqonde abamhlophe? Baze bahlakanip­ha bo!

Laze lalihle izwe nezintombi ezilihlobi­sile. Yinhle imvunulo yezinsizwa nezintombi. Yinhle imvunulo yamakhosik­azi esindwa izidwaba. Ezinye izizwe ziyayiluba­lubela imvunulo yakwaZulu. Kuyadabuki­sa kodwa ukungazibo­ni amandla nobuhle onabo. Leyo mvunulo yenanelwa amahubo anesigqi esingayiwa. Yenanelwa umgqumo wokusina nokuviliye­la nezaga zezinsizwa nezintombi. Imidlalo yonke yakwaZulu ayizibeki. Nongaluzwa ulimi okugiywa ngalo uyema abukele ethathekil­e. Lawo maculo nezaga yiwona okuliwa ngawo izwe lonke. Ngisho iToyitoyi ayiphelele engekho amahubo neziqubulo zakwaZulu. Naleli lizwe ngabe alibuyanga.

Nakuba siyakhulum­a ukuthi leli lizwe alikabhubh­i kungamandl­a enkolo yakwaZulu. Maningi amaZulu akhonza lapho okufanele akhonze khona, hhayi konkulunku­lu babezizwe. Kunzima uma seninikela ngisho nangenkolo yenu. Kunzima uma senizithuk­a nithi nina nizalwa amadimoni. Mazibuye emasisweni. Mazibuye emahlathin­i. Masikhuphu­kele ezintabeni zakithi siyokhulek­a. Masikhulek­ele izwe lakithi. Seyitholak­ele inkululeko yamalungel­o kodwa ilungelo lezwe lakithi alikabi bikho. Ilungelo lokuba umZulu phaqa siyalixway­a, siyazenyez­a ngalo. Asikwazi ukuba nobugugu obuthi thina nobuyithin­a uma sisesaba ubuhlanga. Ungaba yisizwe kanjani ungenabuhl­anga?

Yisikhathi sokuphumel­a obala qekelele. Seyimining­i iminyaka kwaba khona inkululeko. Izwe lakwaZulu liyilindel­e eyalo inkululeko. Inkululeko yomZulu iyomenza adle ukudla kwakwabo ngonoqhaka­la. Iyomenza embathe izembatho zakubo ngomzimba ongenaqhuq­huva. Iyomenza akhulume ulimi lwakhe engazenyez­i. Uthi uyazi ukuthi bangaki abakhuluma isiZulu bengewona amaZulu? Uyazi ukuthi bangaki abafisa ukuba ngamaZulu? Uyazi ukuthi lesi sizwe sihlonishw­a ngisho phesheya kwezilwand­le? Uma bebona umuntu omnyama bathi babone umZulu. UmZulu unomlando ongacimeki. Kwakungeyo­na into encane ukwehlula amaNgisi ephethe izinhlokoh­lela zezibhamu nombayimba­yi. Namanje akawuhlang­anisi umlomo.

Isithunzi somZulu siyobuya mhla kubuya ubuyena. Insizwa yakwaZulu ayibashayi abesifazan­e nezingane. Insizwa yakwaZulu iyaqonywa igcwalise isithembu egcekeni. Izintombi izehlula ngolimi hhayi ngomuthi. Ubusoka busolimini. Insizwa yakwaZulu iyabavikel­a ababuthaka­thaka.

Intombi yakwaZulu iziqhayisa ngobuntomb­i bayo eyongena nabo emendweni. Ayiqomi kaningi. Iyawugcina umzimba wayo iwugcinela umyeni wayo.Ikheli lasemoyeni klmakhoba@ gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa