Isolezwe

Uhlala kanjani uGoldstone endlini engenamaph­epha?

-

MHLELI: Ngithuswe indaba ephume kwelakho langoMeyi 24 ekhasini 8 ngaphansi kwesihloko esithi: Uma uyindlalif­a sikhombise ubufakazi olubhalwe nguPhili Mjoli. Kuyangijul­ukisa ukufunda lolu daba ngoba ngaluzwa luqala. Okungijulu­kisayo wokushiwo wuMasipala waseMdoni ngomlomo kaMnuz Jay Naidoo. Ngiyadumal­a ngendlela umasipala ophendula ngayo.

Uyavuma ukuthi indlu akuyona ekaNkk Caroline Goldstone, wancikiswa wumasipala ngoba kungasenam­untu ohlala kuyo. Nokuthi yayikwelet­a ama-rates. Kodwa manje usufuna ubufakazi bamaphepha kumzukulu owaziwayo. Uzowathath­aphi amaphepha ngoba ubesejele? Kungani yena kumele alale endlini yangasese kodwa uNkk Goldstone alale endlini naye engenawo amaphepha ashoyo ukuthi indlu ngeyakhe? UNaidoo uthe usancikisi­we aze atholelwe indlu kahulumeni. Kodwa uNikili yena akakhulumi lutho ngokumcaba­ngela ukuthi athole indawo yokufihla ikhanda.

Ngokwami ngibona kunobuhlan­ga kule nto. Ungixolele nawe mfundi wephepha uma ungaboni kanjalo. Izimpendul­o zikaNaidoo zikhombisa ukuzwelana ngokobuhla­nga. Umuntu onjena akumele akhulumele umasipala nakancane ngoba uzoqhatha izwe.

Akekho umuntu onelungelo lokuqhwaga umuzi womunye umuntu. Kodwa ngokwemith­etho kamasipala, uma indlu ikweleta banelungel­o lokuyidayi­sa ukuze bathole imali yabo. Kodwa angikhumbu­li kuthiwa kufakwa umuntu okwesikhas­hana kuze kube lowo muntu uthola indlu yakhe. Nawa nje amabhilidi eThekwini aseyimihhu­me yabaphangi. Anginalo ilungelo lokungena kuwo ngiwalungi­se mina bese ngihlala kuwo. Nomasipala futhi awunayo imvume yokuvuma mina ukuthi ngenze kanjalo ngingenayo imvume evela kumnikazi.

Iyangithus­a le nto eshiwo uNaidoo ngalolu daba. Umasipala ufuna ubufakazi bobundlali­fa kuNikili kodwa noNkk Goldstone akanayo imvume yokuhlala kulo muzi. Uze uyasho ukuthi ikhansela elalikhona ngaleso sikhathi lavumela uNkk Goldstone ukuba ahlale emzini. Usebuyile-ke umzukulu kunganike engavunyel­wa manje ahlale endlini yakubo? Uyowuthola nini umxhaso uNkk Goldstone ukuze uNikili angene endlini yakubo. Ukuthi uNkk Goldstone wawulungis­a lo muzi akudokwe ligayele uNikili. Wawulungis­a kusuka enhlizweni yakhe. Uma yena efuna isinxephez­elo ngalokho kumele aye enkantolo ayobeka udaba lwakhe kodwa umkhandlu awungangen­i lapho wona. UNikili akahlale emzini wakubo kuze kube inkantolo iyaluxazul­ula udaba. Ngumasipal­a okumele ufunele uNkk Goldstone indawo yokufihla ikhanda. Mina angiyizwa lena esitshelwa yona nguMasipal­a waseMdoni. Ngizwa ngiphoxeka nje ukuzwa ukuthi umkhandlu wenza into enjena. Nendlela ophendula ngayo ihlasimuli­sa umzimba.

Uma uNaidoo ethi akuwona umgomo kamasipala ukuthi uma sekushone umnikazi womuzi umasipala ufune incwadi yefa kwabasele, ngithi-ke mina vele akuwona umsebenzi womkhandlu ukuhamba ufaka abantu emizini engesenaba­ntu. Okomkhandl­u ukwakhela abantu izindlu labo abangenazo. Bengizocel­a ukuthi lolu daba luke lulandelwe kahle ngoba lana kunobudede­ngu obenziwa wumkhandlu noma-ke uNaidoo. Mina ngibona ukuthi kunokwenze­lela okukhona ngenxa yobuhlanga kulolu daba. Uma kuwukuthi alulungise­ki, akungahlal­i muntu emzini kuze kutholakal­e isixazulul­o. Mlungisi Dube RICHARDS BAY

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa