Uhlala kanjani uGoldstone endlini engenamaphepha?
MHLELI: Ngithuswe indaba ephume kwelakho langoMeyi 24 ekhasini 8 ngaphansi kwesihloko esithi: Uma uyindlalifa sikhombise ubufakazi olubhalwe nguPhili Mjoli. Kuyangijulukisa ukufunda lolu daba ngoba ngaluzwa luqala. Okungijulukisayo wokushiwo wuMasipala waseMdoni ngomlomo kaMnuz Jay Naidoo. Ngiyadumala ngendlela umasipala ophendula ngayo.
Uyavuma ukuthi indlu akuyona ekaNkk Caroline Goldstone, wancikiswa wumasipala ngoba kungasenamuntu ohlala kuyo. Nokuthi yayikweleta ama-rates. Kodwa manje usufuna ubufakazi bamaphepha kumzukulu owaziwayo. Uzowathathaphi amaphepha ngoba ubesejele? Kungani yena kumele alale endlini yangasese kodwa uNkk Goldstone alale endlini naye engenawo amaphepha ashoyo ukuthi indlu ngeyakhe? UNaidoo uthe usancikisiwe aze atholelwe indlu kahulumeni. Kodwa uNikili yena akakhulumi lutho ngokumcabangela ukuthi athole indawo yokufihla ikhanda.
Ngokwami ngibona kunobuhlanga kule nto. Ungixolele nawe mfundi wephepha uma ungaboni kanjalo. Izimpendulo zikaNaidoo zikhombisa ukuzwelana ngokobuhlanga. Umuntu onjena akumele akhulumele umasipala nakancane ngoba uzoqhatha izwe.
Akekho umuntu onelungelo lokuqhwaga umuzi womunye umuntu. Kodwa ngokwemithetho kamasipala, uma indlu ikweleta banelungelo lokuyidayisa ukuze bathole imali yabo. Kodwa angikhumbuli kuthiwa kufakwa umuntu okwesikhashana kuze kube lowo muntu uthola indlu yakhe. Nawa nje amabhilidi eThekwini aseyimihhume yabaphangi. Anginalo ilungelo lokungena kuwo ngiwalungise mina bese ngihlala kuwo. Nomasipala futhi awunayo imvume yokuvuma mina ukuthi ngenze kanjalo ngingenayo imvume evela kumnikazi.
Iyangithusa le nto eshiwo uNaidoo ngalolu daba. Umasipala ufuna ubufakazi bobundlalifa kuNikili kodwa noNkk Goldstone akanayo imvume yokuhlala kulo muzi. Uze uyasho ukuthi ikhansela elalikhona ngaleso sikhathi lavumela uNkk Goldstone ukuba ahlale emzini. Usebuyile-ke umzukulu kunganike engavunyelwa manje ahlale endlini yakubo? Uyowuthola nini umxhaso uNkk Goldstone ukuze uNikili angene endlini yakubo. Ukuthi uNkk Goldstone wawulungisa lo muzi akudokwe ligayele uNikili. Wawulungisa kusuka enhlizweni yakhe. Uma yena efuna isinxephezelo ngalokho kumele aye enkantolo ayobeka udaba lwakhe kodwa umkhandlu awungangeni lapho wona. UNikili akahlale emzini wakubo kuze kube inkantolo iyaluxazulula udaba. Ngumasipala okumele ufunele uNkk Goldstone indawo yokufihla ikhanda. Mina angiyizwa lena esitshelwa yona nguMasipala waseMdoni. Ngizwa ngiphoxeka nje ukuzwa ukuthi umkhandlu wenza into enjena. Nendlela ophendula ngayo ihlasimulisa umzimba.
Uma uNaidoo ethi akuwona umgomo kamasipala ukuthi uma sekushone umnikazi womuzi umasipala ufune incwadi yefa kwabasele, ngithi-ke mina vele akuwona umsebenzi womkhandlu ukuhamba ufaka abantu emizini engesenabantu. Okomkhandlu ukwakhela abantu izindlu labo abangenazo. Bengizocela ukuthi lolu daba luke lulandelwe kahle ngoba lana kunobudedengu obenziwa wumkhandlu noma-ke uNaidoo. Mina ngibona ukuthi kunokwenzelela okukhona ngenxa yobuhlanga kulolu daba. Uma kuwukuthi alulungiseki, akungahlali muntu emzini kuze kutholakale isixazululo. Mlungisi Dube RICHARDS BAY