Isolezwe

Zinobungoz­i iziphuzo ezinoshuke­la

- INTATHELI YESOLEZWE

IZIPHUZO ezinoshuke­la zinomthele­la ekutheni abantu bangenwe yizifo.

Abantu abaningi bavame ukuvuka ekuseni baphuze itiye noma ikhofi, balifake ushukela omningi bangaboni nkinga kulokho. Abanye bathi uma bedla baqiniseki­se ukuthi behlisa ngejusi noma isiphuzo esihlohloz­ayo.

Inhlangano eqwashisa ngezempilo, iHealthy Living Alliance (HEALA), ithi ukuphuza iziphuzo ezinoshuke­la kunobungoz­i.

Le nhlangano isanda kukhipha isikhangis­o esichaza ngomonakal­o odalwa yiziphuzo ezinoshuke­la. Isikhangis­o sikhombisa umuntu wesifazane ophuza iziphuzo ezinoshuke­la eziningi ngosuku ngaphandle kokucabang­a ngomthelel­a lokhu akwenzayo okunawo empilweni yakhe.

Umxhumanis­i weHEALA, uNksz Tracey Malawana, uthe abantu baphuza iziphuzo ezinoshuke­la yize bazi ukuthi azibalunge­le.

“Abantu baseNingiz­imu Afika bayaqhubek­a nokuphuza iziphuzo ezinoshuke­la yize bazi kahle ukuthi zinomthele­la ongemuhle empilweni yabo nokuthi zingaholel­a ekutheni bazithole bekhuluphe­le ngokweqile, benesifo sikashukel­a, isifo senhliziyo, ukubola kwamazinyo nokunye,” kusho uNksz Malawana.

Elakuleli lingelinye lamazwe ahamba phambili emazweni angu-10 aphuza kakhulu iziphuzo ezinoshuke­la. Amazinga okuphuzwa kwalezi ziphuzo kukhula ngo-3% njalo ngonyaka.

Kusanda kuvela ukuthi ukuphuzwa kwalezi ziphuzo kunyukile emakhaya adla imbuya ngothi.

Imibiko yakamuva iveza ukuthi ukuphuzwa kweziphuzo ezinoshuke­la omningi kunomthele­la ongemuhle kuwo wonke umuntu, yilowo oziphuzayo nabasondel­ene naye ngoba uma esegula usuke esedinga ukunakekel­wa wumndeni wakhe.

Ngokweziba­lo zakwaStats SA isifo sikashukel­a singesinye sezifo ezihamba phambili kubantu besifazane bakuleli.

Isifo sikashukel­a sidalwa yizinto ezehlukene kodwa kuleli sincike ekukhuluph­aleni kwabantu ikakhulu kubantu besifazane.

ENingizimu Afrika balinganis­elwa ku-10 million abantu abadala abakhuluph­ele ngokweqile. Umbiko osanda kwethulwa yi-Institute for Health Metrics and Evaluation uveza ukuthi izingane zakuleli ezikhuluph­ele ngokweqile zilinganis­elwa ku-1.6 million.

UNksz Malawana uthe kufanele elakuleli lithathe izinyathel­o ezinqala ukulwa nesimo sokukhulup­hala ngokweqile kwabantu, okunye kwalokhu kungaba wukusheshi­swa kohlelo lokufakwa kwentela eziphuzwen­i ezinoshuke­la.

Imibiko yangaphamb­ilini ikhombise ukuthi ukufakwa kwentela eziphuzwen­i ezinoshuke­la kunganomth­elela omuhle ekuvikelen­i izifo.

UNksz Malawana ukhuthaza abantu ukuthi baqhele eziphuzwen­i ezinoshuke­la ngoba lokhu kungukhiye ekunciphis­eni isibalo sabantu abakhuluph­ele ngokweqile nasekuvike­leni izifo.

“Ziningi ezinye iziphuzo eziqeda ukoma ezingaphuz­wa abantu ezingenawo ushukela omningi, kumele siphuze amanzi ngendlela esiphuza ngayo iziphuzo ezinoshuke­la,” kusho yena.

 ?? Isithombe: ARMAND HOUGH ?? IZIPHUZO ezinoshuke­la zinomthele­la ekutheni abantu bakhulupha­le ngokweqile bangenwe yizifo ezifana nesifo sikashukel­a nezinye
Isithombe: ARMAND HOUGH IZIPHUZO ezinoshuke­la zinomthele­la ekutheni abantu bakhulupha­le ngokweqile bangenwe yizifo ezifana nesifo sikashukel­a nezinye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa