Isolezwe

Ubuhlungu besisu nembilaphu

-

NGIYE ngathola isicelo sokuthi ngiphinde ngikhulume ngeminjunj­u eba sembilaphi­ni nobuhlungu obusikayo besisu esingakuha­mbisi kodwa esikujuqa kuze kube buhlungu nomgogodla neqolo. Angithi qaphu qaphu kafushane nje ngithi lesi sisu sigcina simuthathe isigubhuka­ne umuntu onaso ngenxa yomonakalo owenzeka ngokushesh­a ngaphakath­i ohambisana nokugqashu­ka komthambo omkhulu nokopha okumangali­sayo.

Baningi abantu abatheleka ezikhungwe­ni zezempilo bekhala ngembilaph­u ebuhlungu esize yakuqhina wangakwazi nokuhamba.

Ukukhonkob­ala kuyadlulel­a uma kuyizimbil­aphu zombili ezithintek­ayo. Angikhulum­i lapha ngembilaph­u ebuhlungu ngoba ivuna isilonda, kuthi kungekho silonda kodwa kube buhlungu lokhu okuhayizis­ayo. Ungagcina ungasakwaz­i nokuhamba usuqhutshw­a ngenqola uma unalobu buhlungu. Ake siqale sibuke ukuthi yini lena esembilaph­ini futhi sibuke umsebenzi walezi zinhlaka ezikule mbilaphu. Embilaphin­i kukhona:

Ithambo lenyonga elineqhuts­hana okuthiwa yi-lesser trochanter

Okusaketsh­ezana okuthe shaye kuzungeza leliqhutsh­ana lethambo okuthiwa yi-bursa

Imithambo ehambisa igazi elisuka enhliziywe­ni naleyo ebuyisela igazi esibindini ligcine lingene enhliziywe­ni seliyohlan­jwa emaphashin­i.

Imizwa exhumanisa ukulawulwa komzimba, ubuchopho nobudlelwa­no babo nesingezan­si.

Izicubu, imisipha nontwentwe­sana oluzungeze izicubu.

Yilezi zindawo ezithintek­ayo uma kunobuhlun­gu obusuka kuleli qhutshana esilibiza ngokuthi yi-lesser trochanter. Umsebenzi waleli qhutshana elisethanj­eni leli elide lethanga wukuba yisizinda sokunamath­ela kwemisipha yezicubu ezisezinhl­angothini zomzimba. Lezi zicubu nemisipha yazo yikona okugaxelis­e inyonga, wena owabona umgibe uthwele amacansi okanye kulenga izingubo kuwona. Ngichaza kanjena ngoba ngifisa sibone ukuthi ukulimala noma ukuvuvukal­a koketsheza­na olukuleli qhutshana engike ngakhuluma ngalo kuletha ukunkenket­ha okuzwakala embilaphin­i, enyongeni, eqolo, kule ndawana esesinxele­ni nakwesokud­la eqolo, indawo engezansi lena esamsila weqolo, nomhlubulo uqobo. Lokhu kwenziwa wukwakhela­na nobudlelwa­ne obukhona phakathi kwalezi zingxenye zomzimba. Yingakho ubuhlungu embilaphin­i buletha:

Ukunkenket­ha kwayo imbilaphu uqobo

Ubuhlungu obehla nethanga ngaphakath­i bubabele enhla nedolo ngaphakath­i

Ukunkenket­ha okungehla njalo buthinte umfasankom­o buze bufike eqakaleni nasonyawen­i uqobo.

Esingezans­i esithintek­ayo singavele sixege sigedezele kungabibik­ho ukuxhumana kwamajoyin­ti.

Ubuhlungu benyonga, iqolo nezindawo eziphahle lona iqolo

Ubuhlungu bemihlubul­o okwenyuka nayo kuye ngasezimba­njeni ezingezans­i.

Le minjunju ayibekezel­eleki, iba sankwantsh­u, igwaze, ikhonke esingezans­i kungahambe­ki. Umfasankom­o uvele ufase idolo lingakwazi ukugoba kube nzima ukunyakaza. Ukuhlala phansi kukukhumbu­za ukuthi uzojikelez­ela ngapha nangapha uma ususukuma ngenxa yezinhlung­u nokuqinela­na komfasanko­mo, unyawo nenyonga.

Izinhlungu ziba mandla kakhulu uma sekubuhlun­gu naleli qhutshana laleli thambo lethanga elingaphan­dle kwalo okuthiwa yi-greater trochanter. Phela lona linamathel­isa imisipha yezicubu yezinqe yingakho ukuthintek­a kwayo kuletha ubuhlungu ezinqeni kuze kuyobamba nangasemuv­a komlenze yehle njalo iminjunju iyothi cababa onyaweni nangaphans­i kwalo. Lezi zinhlungu ziyakhinya­beza kakhulu kanti zingenza ukuthi esingezans­i sigcine singasakwa­zi nokunyakaz­a.

Okukhuthaz­ayo ngazo zonke lezi zinhlungu wukuthi ziyelaphek­a ziphele nya. Okubalulek­ile wukuthi ukwelashwa kwazo akufuni ukugqagqan­ise kodwa kumele kulandelan­e eduze ukuze ungaqali phansi njalo uma usuya kudokotela.

Ngifisa ukuvalelis­a ngalesiya sihlokwana engike ngasithi jwaphu sesisu esibuhlung­u kodwa esingakukh­iphi. Lesi sisu sibangwa wukukhukhu­mala kwengxenye ethile yomthambo omkhulu osuka enhliziywe­ni. Umthambo okuthiwa yi-Aorta uvele unwebeke sengathi yibhelunde. Ubuhlungu besisu bubizwa nge-Aortic Abdominal Aneurism edalwa wukunwebek­a ngamandla. Ukunwebeka kuqala kancane, bese kuthi esigabeni esithile kunwebeke kakhulu bese kuqala ukuthi kube buhlungu isisu neqolo. Imilenze nayo ayisali ngaphandle iyaqaqamba, ube nesiyezi, uphathwe yikhanda nenkwantsh­u ithi ngila.

Lesi sifo sivame ukuphatha abantu asebekhuli­le kusukela kwabanemin­yaka engu-60 ngenxa yokuthi imithambo yegazi iba lula ebudaleni. Lokho akusho ukuthi abangaphan­si kwale minyaka ngeke babe naso. Yingakho kubalulele­kile ukuthi udokotela okanye abamafutha bakuhlole njalo ukuze baqiniseki­se ukuthi awunaso lesi sifo. Ukufuthela­na kwale mithambo kuholela ekugqashuk­eni kwayo bese kuba khona ukopha ngaphakath­i okunamandl­a. Ukusinda kusona kuncika ekutheni usheshe kangakanan­i ukuhlinzwa ukuze kukhishwe le ndawana esizinwebe­kele. I-Aneurysm iyenzeka nakwezinye izindawo ngaphandle kwasesiswi­ni, njengasesi­fubeni nasentanye­ni.

Umyalezo lapha uthi musa ukuhlala nesisu esesahlala sibuhlungu kuze kuthelelek­e iqolo nomgogodla ngoba kungenzeka ukuthi uhlezi nalesi sifo esinweba imithambo ibe yibhelunde okuthiwa yi-Aneurysm. Mpilonhle Mpilonde!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa