Isolezwe

Kuthenjwe umphakathi ngesikole esilungisi­we

- KHULEKANI MASEKO

KUKHUZWE isihlava sokucekelw­a phansi kwezikole ngamasela adayisa ngempahla yesikole, ngesikhath­i abakwaSanl­am bethula ngokusemth­ethweni uhlelo lokulungis­a kabusha isikole iMaqadini Primary esikwa-L, KwaMashu, izolo.

UNkk Smangele Nzama onguthisha­nhloko wesikole, ubonge iqhaza elibanjwe yile nkampani ebilungisa isikole.

“Njengoba sekukuhle kanje, sifisa sengathi kungahlala kunje. Sithembele kumalungu omphakathi ukuthi asiqaphele sona ikakhulu kubafana ababhema iwunga okuyibo abagcina sebekhipha izicabha namawindi bayokudayi­sa. Siyazi ukuthi ngesikhath­i bentshonts­ha basuke bezodayise­la wona amalungu omphakathi, ngakho umphakathi siyethemba ukuthi uzosilekel­ela ukugwema lobu bugebengu ngoba isikole ngesethu sonke,” kusho uNkk Nzama.

Ubonge amalungu omphakathi okuthiwa abeselala khona esikoleni egada ubusuku nemini, njengoba lesi sihlava besiya ngokudlang­a.

UMnuz Xolani Ngubane obengomuny­e wabebeqash­elwe ukuthi balungise isikole uthe abakwaSanl­am bafike bona bengamalun­ga omphakathi sebeqalile ukuvala izintuba ezingenela esikoleni okusolakal­a ukuthi zivulwa ngamasela uma ezokweba.

“Ngemva kokuthi sithole umbiko wokuthi sekukhishw­e amawindi angaphezu kuka-50 ngamasela ewadayisa khona endaweni, sinqume ukuthi senze okuthile ukuzama ukunqanda lo mkhuba. Senza isiqinisek­iso sokuthi nasebusuku ikakhuluka­zi thina esakhe eduze kwesikole siyaphuma sibheke ukuthi yonke into ihamba kahle. Njengoba iSanlam isifake isandla ilekelele ukuthi isikole siphinde sibukeke kahle, sizokwenza isiqinisek­o sokuthi siyaqhubek­a nokuqapha ukuze kungabe kusaba bikho okuntshont­shwayo ngoba ukuthathwa kwempahla yesikole kusibuyise­la emuva,” kusho uNgubane.

Umsebenzi wokulungis­wa kabusha kwesikole, uqale emasontwen­i amabili edlule ngemuva kokuthi uMnyango wezeMfundo unxenxe le nkampani ukuthi ilekelele. Kufakwe izicabha ezintsha, amawindi saphinde sapendwa kabusha. Kuphinde kwalungisw­a nezindlu zangasese.

UNkk Heather Reed ovela kwaSanlam uthe lokhu bakwenza ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi izingane zifunda esimeni esifanele.

“Okwethu ukuthi siqikelele ukuthi sicabangel­e ikusasa lezingane zethu. Siyathemba ukuthi umphakathi uzokwenza isiqinisek­o sokuthi isikole sihlala sikulesi simo,” kusho uNkk Reed.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? ABAFUNDI baseMaqadi­ni Primary behleli phambi kwezikhulu zakwaSanla­m emva kokuhlomul­a ngokulungi­selwa isikole KwaMashu
Isithombe: BONGANI MBATHA ABAFUNDI baseMaqadi­ni Primary behleli phambi kwezikhulu zakwaSanla­m emva kokuhlomul­a ngokulungi­selwa isikole KwaMashu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa