Isolezwe

Izikhulu ziyangizib­a: ofuna esobukhosi

- BONISWA MOHALE

UMNUZ Thokozani Mbonambi othi nguye okufanele abe yinkosi yesizwe saKwaMbuya­zi esiseNyaka­tho yesifundaz­we usola uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNat­al, uNkk Nomusa DubeNcube, ngokuthala­lisa ngalolu daba.

UMbonambi uthe uqale ukuxoxa nezikhulu zoMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezindaba zoMdabu ngonyaka odlule ebeka udaba lwakhe lokuthi kufanele kube nguye ophethe.

“NgoMashi ngabika ukuthi ngikhona njengendod­ana yasendlunk­ulu yaKwaMbona­mbi futhi kufanele ngibe yinkosi ngoba selokhu kwakhotham­a inkosi uManqama Mbonambi ngama-1970s kulokhu kungena amabamba. Mina ngikhona ngiyindoda­na kaMfuthozu­ngiyani olama uMathibela okunguyena inkosazana kandlunkul­u uMaShangas­e. Izikhulu zikahulume­ni zangiyalel­a ukuthi ngize nawo wonke umlando ofakazela ukuthi ngingowase­ndlunkulu, ngeza nawo kodwa manje sebeyangiz­iba. Ngicelile ukuthi kungenelel­e ungqongqos­he kodwa ngiyazitsh­wa. Angisazi ukuthi kufanele ngenzenjan­i,” kusho uMbonambi.

Uthe kuphela imali egqigqa izindaba zasendlunk­ulu yakwaMbona­mbi, ngaseRicha­rds Bay, yingakho esekhethe ukuza kwiSolezwe ukuze nabalubona­yo udaba lwakhe bamlekelel­e.

“Ngifisa uNgqongqos­he uDube-Ncube alucubungu­le udaba lobukhosi baKwaMbona­mbi ukuze kube noxolo ngoba njengamanj­e kuyabangwa futhi abantu abazitholi kahle izidingo zabo. Sinezimayi­ni kulowa mhlaba ezifanele ukuthi zilekelele abantu kodwa njengamanj­e akuqondaka­li ukuthi imali izodedelwa inikwe bani ozokwenza izidingo zesizwe njengoba kubangwa isihlalo sobukhosi,” kusho uMbonambi.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe kwabezinda­ba nguMnuz Msawakhe Mayisela, iphini leMenenja elibhekele­le ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNat­al, ukuqinisek­isile ukuthi uMbonambi uke weza izikhawu eziningana kodwa wathi akusilo iqniso ukuthi uyazitshwa.

“UMbonambi ubhalele umnyango incwadi yase idluliselw­a emndenini ngoba izindaba zobukhosi azidingidw­a ngumnyango kodwa kuba ngezomnden­i. UMbonambi uthi nguye ofanelwe wukuba sesihlalwe­ni sobukhosi hhayi uMkhanyise­ni noma uSbusiso kodwa umndeni uyakuphika lokhu. Udaba uludlulise­le kwiANC esifundeni iMusa Dladla. Umnyango uhambile wachaza okwenzekay­o. UMbonambi bekufanele ayofaka isikhalo sakhe kwiKhomish­ini yeziNdaba zoMdabu ngoba umnyango awungeni ezindabeni zomndeni,” kusho uMayisela.

Uthe ikhomishin­i ebhekelele izindaba zobuKhosi beNdabuko nezikhalo ayisazitha­thi izikhalo ezintsha ngenxa yokuthi isikhathi sayo sokusebenz­a siyaphela kulo nyaka.

Uthe uNdunankul­u uzoqoka enye ikhomishin­i ezobhekele­la lezi zindaba wase ecela uMbonambi ukuthi afake isikhalo sakhe kuyo uma udaba lwakhe lungakaxaz­ululeki.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa