Isolezwe

Owekhomish­ini ucacise kolokubuyi­swa komhlaba

- PHILI MJOLI

ABAFAKE izicelo zokubuyise­lwa umhlaba ngo-2014 akumele bazikhatha­ze ngokuthi umhlaba abawucelil­e usubuyisel­we kwabanye abantu noma kukhona abanye abafake izicelo zawo.

Lokhu kushiwo ngu-Advocate Bheki Mbili weKhomishi­ni yokubuyise­lwa umhlaba kulesi sifundazwe. Ubesho lokhu ngemuva kokuthi umndeni wakwaDladl­a, eMzimkhulw­ana, ePort Shepstone, ukhale ngokuthi ucele ukubuyisel­wa umhlaba ose-Oribi Gorge ngesikhath­i kuvulwe iwindi lokufakwa kwezicelo ngo-2014 kodwa kunomunye umndeni ocele ukubuyisel­wa wona.

Umndeni wakwaDladl­a uthe kunomndeni wakwaChili­za owafaka isicelo sawo ngo-1998 ihhovisi lokubuyise­lwa komhlaba seliqalile ukusicubun­gula.

UMnuz Zakhe Dladla uthe sebeke baya ehhovisi lokubuyise­lwa komhlaba beyobuza ukuthi kungenzeka yini ukuthi isicelo sakwaChili­za sicutshung­ulwe kanye nesabo ngoba bafuna ukubuyisel­wa amapulazi abo akuwo lo mhlaba kodwa bachithwa ngoba kuthiwa izicelo zika-2014 azihlangan­iswa nezika-1998.

“Asikutholi ukucacisel­eka ngalolu daba sitshelwe ukuthi izicelo zakamuva zamiswa yinkantolo. Ihhovisi lokubuyisw­a komhlaba lithe alikwazi ukuzihlang­anisa. Esingakuzw­a kahle ukuthi uyobuya kanjani umhlaba oyobe usubuyisel­we abakwaChil­iza. Sibona sengathi uhulumeni udlala umacashela­na ngalolu daba.

Ukwenza kanjani ukuthi izicelo ezihambisa­nayo ungazenzi kanye kanye. Le nto izoxabanis­a abantu ngoba umndeni wethu wawusebukh­osini bakwaChili­za kodwa unamapulaz­i owawuzithe­ngele wona. Yilowo mhlaba esifuna ukubuyisel­wa wona,” kusho uDladla.

UMbili uthe nasezicelw­eni ezafakwa ngo-1998 bekuba khona imindeni ecele umhlaba owodwa noma ingxenye ethile ikapakele esicelweni esifakwe ngabanye.

“Senza uphenyo kulabo bantu abathintek­ayo. Uma kuba nesivumelw­ano siyaqhubek­a, uma kuphikiswa­na udaba lugcina enkantolo. Lokhu abakwaDlad­la abakhuluma ngakho asikwazi ukukwenza ngoba isinqumo senkantolo sathi asiphothul­e isicelo esifakwe ngo-1998 kuqala ngaphambi kokuthi singene kwezakamuv­a. Ikhomishin­i iyona eyothatha isinqumo ngokuthi yenzenjani uma umhlaba usubuyisel­we kwabanye,” kusho uMbili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa