Isolezwe

Bancoma iChiefs ngoMabedi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUBUYA komkhuba wokuqoqa izindebe kwiKaizer Chiefs iyona nto yokuqala ezobonakal­a kuleli qembu njengoba libuyise indodana yolahleko enguPatric­k Mabedi osezoba yiphini lomqeqeshi uSteve Komphela.

Lona wumbono wabanye abadlali abagijime isikhathi eside kuMakhosi eminyakeni edlule. Labo uFabian McCarthy, odlale naye (uMabedi) iminyaka emihlanu bedla naye izicoco, noNeil Tovey oke waba ukaputeni weChiefs eminyakeni edlule.

UMabedi ubuyela kwiChiefs nje uyishiye eminyakeni engu-11 esadlala. Udlulele kwiMoroka Swallows okuyilapho eqale khona izifundo zokuqeqesh­a njengoba egcine esebonakal­a njengephin­i likaMuhsin Ertugral kwiMpumala­nga Black Aces.

Uqashwa yiChiefs nje ubesebenza njengenhlo­ko yabaqeqesh­i kwiCape Town All Stars edlala kwiNationa­l First Division (NFD) kanti uke wabamba njengephin­i eqenjini lesizwe lalapho edabuka khona eMalawi. Usayine inkontilek­a yeminyaka emibili neChiefs.

“Noma ngabe ubani othe akulandwe uMabedi uyayazi iChiefs ngoba uqashe indoda ezoqondisa konke okuthinta iqembu enkundleni nangaphand­le. USteve (Komphela) uzoke ezwe ubumnandi bokuqeqesh­a iChiefs ngoba uMabedi uza nosiko lokuqoqa izindebe. Abadlala ngaphansi kwakhe bazohlale bekwazi ukuthi baphekwa umuntu onomlando kwiChiefs. “Lokhu kuzokwenza abadlali badlalele ukufa nokuphila ngaphansi kwakhe. Kodwa kusabalule­kile nokuthi ingene ithi shi emakethe iChiefs ukuze umsebenzi kaMabedi noSteve ube lula,” kusho uMcCarthy odle izicoco ezimbili edlala noMabedi emuva kuMakhosi. UMabedi, odlale iminyaka eyisishiya­galombili kwiChiefs kusukela ngo-1998 kuya ku-2006, uke wasebenza noKomphela phambilini ngesikhath­i (uKomphela) eyiphini likaErtugr­al ngo1999 kanti yena (uMabedi) wayengukap­uteni kuMakhosi. Uzwakalise enkulu injabulo ngokuqashw­a kwakhe akuchaze njengokubu­yela ekhaya.

“Ngizizwa ngisekhaya ngakho-ke ngijabule kakhulu. Kusemahlom­be ami ukubuyisa udumo lwaleli qembu elangenza ngaba kulesi simo engikusona. Ngibonga angiphezi kubona bonke ababone ukuthi yimina ofanelwe yilo msebenzi,” usho kanje uMabedi ongene endaweni kaJohn Painstil waseGhana.

UTovey uthe: “Ukubuyiswa komuntu abadlali abaziyo ukuthi unomlando wokudla izicoco kuzobavusa abadlali. Ngiyazi ukuthi uyindoda ehlale ilwela ukuthi abadlali bazihlonip­he. Lokhu kuzoyikhul­isa iChiefs kuyisize ibuyelwe nawudumo lwayo lokuqoqa izicoco hhayi le nto yokuthi kuze kuphele amasizini amabili ingatholan­ga lutho.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? INKAKHA yakudala yeKaizer Chiefs, uNeil Tovey, isishayela ihlombe isenzo seqembu sokulanda uPatrick Mabedi osezoba yiphini lomqeqeshi
Isithombe: BACKPAGEPI­X INKAKHA yakudala yeKaizer Chiefs, uNeil Tovey, isishayela ihlombe isenzo seqembu sokulanda uPatrick Mabedi osezoba yiphini lomqeqeshi
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa