Isolezwe

‘AmaProteas angayinqob­a eyoMhlaba’

- MINENHLE MKHIZE

UMENGAMELI weCricket South Africa (CSA), uChris Nenzani, akalilahli­le ithemba lokuthi amaProteas azogcina eyinqobile iNdebe yoMhlaba.

AmaProteas aphinde ashaya udaka kwi-ICC Champions Trophy kade ebhekwe ukuthi agile izimanga ngoba aye kuwo ekleliswe endaweni yokuqala emazweni ahamba phambili emidlalwen­i yosuku olulodwa emhlabeni.

Iqembu laseNingiz­imu Afrika liphume kuseva (esigabeni samaqoqo) kwiChampio­ns Trophy ephothulwe ngeSonto e-England, lapho kuwine khona iPakistan ihlula i-India kowamanqam­u. Lokhu kubeke ikusasa likaRussel­l Domingo ocija amaProteas engcupheni.

“Umqeqeshi uma esifakile isicelo kuzobhekwa ukuthi ukufanele yini ukuba sohlwini lwabaqeqes­hi okuzokheth­wa kubo umqeqeshi omusha weqembu lesizwe. Nakanjani indlela iqembu elenze ngayo izobhekwa uma sekubhekwa isicelo sakhe. Noma kunjalo kodwa kusamele athumele umbiko achaze ukuthi kungani iqembu lishaye udaka.

“Ithemba asililahli­le. Iqembu esinalo liqine ngokwanele ukuthi ngo-2019 lingasenza siziqhenye ngokuthi libuye neNdebe yoMhlaba. Ngiyazi ukuthi kuzoba nzima ukuthi abantu bangikholw­e ngoba bazosahlul­ela ngesikwenz­e kwiChampio­ns Trophy kodwa iqembu lethu liqinile futhi lingayiwin­a iNdebe yoMhlaba,” kusho uNenzani.

AmaProteas awakaze ayinqobe iNdebe yoMhlaba selokhu abuyiselwa emidlalwen­i yamazwe ngo-1992. Asanqobe iChampions Trophy kuphela ngo-1998 eBanglades­h.

“Siyethemba ukuthi kungekudal­a sizosithol­a isisombulu­lo sokuthi yini sitatazele uma sekumele sikhombise ukuthi siyiqembu elihamba phambili emhlabeni. Mhlawumbe ukungenzi kahle kwiChampio­ns Trophy kuzosivula amehlo. “Umqeqeshi esimfunayo ozokwazi ukukhetha iqembu elakhiwe ngabadlali bezinhlang­a ezehlukene eNingizimu Afrika. Ngaphezu kwalokho kumele abe namava okuqeqesha ezingeni lomhlaba ngempumele­lo. Okunye esikubheki­le wulwazi lwakhe ngekhiliki­thi yakuleli,” kusho uNenzani.

Kusasa iqembu lesizwe lizodlala umdlalo weT20 wokuqala ne-England. Isiyonke imidlalo ezodlalwa ne-England imi kanje:

Kusasa: England v South Africa (T20, The Rose Bowl, Southampto­n, 7.30pm)

NgoLwesihl­anu: England v South Africa (T20, County Ground, Taunton, 6pm)

NgeSonto: England v South Africa (T20, Sophia Gardens, Cardiff, 3.30pm)

NgoJulayi 6: England v South Africa(Test, Lord`s, London, 12pm)

NgoJulayi 14: England v South Africa (Test, Trent Bridge, Nottingham, 12pm)

Ngojulayi 27: England v South Africa (Test, The Oval, London, 12pm)

 ??  ?? LEN HUNT
LEN HUNT
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa