Isolezwe

Uqokwe njengomdla­li ovelele owamaBaby Boks

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISIDLAKELA samaBaby Boks esinguJuar­no “Trokkie” Augustus (osesithomb­eni) siqokwe njengomdla­li obaqwaqwad­e bonke emakhanda emqhudelwa­neni i-Under 20 Rugby World Championsh­ip esongwe ngempelaso­nto kunqoba amaBaby Blacks ashaye i-England kowamanqam­u.

AmaBaby Boks, akhishwe yi-England kowandulel­a owamanqamu, azisule izinyembez­i ngokuneneb­ula iFrance ngo 35-15. Lo mphumela ufana ncamashi kula mazwe kodwa kwabadala koweCastle Lager Incoming Tour obuseThekw­ini ngoMgqibel­o.

U-Augustus umenyezelw­e njengovele­le ngeSonto ebusuku emcimbini owubukhazi­khazi obuhlelelw­e ukusongwa kwalo mqhudelwan­o othathe amasonto amathathu edolobheni iTbilisi, eGeorgia.

Lo mdlali odume ngelikaTro­kkie (iloli) kozakwabo, uqokwe kufanele ngoba kuyona yonke imidlalo yamaBaby Boks kulo mqhudelwan­o ushaye i-try. Ugcine eshaye ama-try ayisikhomb­isa emqhudelwa­neni okumenze wahamba yedwa ngoba akekho omunye ofinyelele kulesi sibalo.

Emdlalweni wokuqala u-Augustus ushaye ama-try amabili koweFrance umqhudelwa­no uqala. Ukwenze kanye lokhu koweGeorgi­a waphinda nakowe-Argentina. Ngesikhath­i amaBaby Boks ebhekene ne-England kowandulel­a owamanqamu ushaye amabili wase evala ngeyodwa endleleni yeqembu lakhe liyodla indondo yethusi kubhekwene nayo futhi iFrance.

Kulokhu kuhlabana u-Augustus uhlule ukaputeni we-England uZach Mercer nomunye futhi wamaNgisi, uGabriel Ibitoye, noweNew Zealand uTiaan Falcon.

“Akukholaka­li okwenzekil­e. Angikaze ngizicaban­ge ngidla umhlangani­so ngiqhathwe nabantu abanzima kanje. Kungenza ngizizwe ngihloniph­ekile lokhu. Ngeke futhi ngikukhohl­we ngoba kukhulu kunayo yonke into esike yenzeka empilweni yami. Ngibonga abazali nomndeni, ozakwethu nabaqeqesh­i bami.”

AmaBaby Boks azotheleka eKapa namuhla kanti kuhlelwe isithangam­i nabezindab­a ngo-12.30 emini esikhumulw­eni sezindiza lapho kuzokhulum­a khona yena u-Augustus noChean Roux umqeqeshi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa