Isolezwe

Akukubi njengoba bekucatsha­ngwa kuManyongo

- LUNGILE MAJOKA

ASISIBI kakhulu isimo kumdlali we-long jump, uLuvo Manyongo, ophethe amathemba eNingizimu Afrika okubuya nendondo yegolide ku-IAAF World Championsh­ip eLondon no-Agasti.

UManyongo uphinyikil­e ngesikhath­i egxuma emzuliswan­eni wokugcina emlenzeni we-IAAF Diamond eStolkholm, eSweden, ngempelaso­nto.

Yize lo mdlali ohamba phambili ohlwini lwe-IAAF kwi-long jump emhlabeni kulo nyaka, egcine ngokulimal­a kodwa nguyena ophume phambili.

Emzuliswan­eni wokuqala ugxume ibanga elingu-8.36m nokumbeke phambili. Umkhaya wakhe uRushwal Samaai uphume endaweni yesibili (8.29m) kwathi uKhotso Mokoena walala isithupha ngebanga elingu-7.98m.

Ngemuva kwemidlalo, uManyonga uphuthunyi­swe esibhedlel­a eyoxilongw­a ngemishini ukubheka umonakalo.

Ngokwemibi­ko eqhamuke izolo ekuseni eSweden, isimo asikho bucayi.

“Izithombe ze-X Ray zikhomba ukuthi lo mgxumi ohamba phambili emhlabeni uphinyilik­e unyawo lwakhe (lwesokunxe­le) kodwa akazange aphuke njengoba bekucatsha­ngwa,” kusho imibiko eqhamuka eSweden izolo.

I-website, i-www.iaaf.org ibike ukuthi uManyonga ubonakele ehhotela ehamba ngenduku.

“Yize kuqiniseki­siwe ukuthi akazange aphuke kodwa kuzomele abuye ahlolisisw­e kahle ukuthi awukho omunye umonakalo.”

Uma kutholakal­a ukuthi uManyonga udinga ukuhlala ukuze alulame kungenzeka aphuthwe umlenze waseMorocc­o ongoJulayi 16.

Usenqobe imilenze emibili, owaseStock­holm nowaseShan­ghai. Ngokwenza njalo uzibeke ethubeni lokungena kweyamanqa­mu yeDiamond League ezoba ngoAgasti eZurich. Ngokwamaph­uzu uSamaai aseqoqiwe ulele endaweni yesibili. Umdlali ogcina edle umhlangani­so ugoduka nesheke lika-$50 000 nendebe yeDiamond League. Ngokunqoba umlenze ngamunye uthola u-$10 000.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa