Isolezwe

Uzohlomisa intsha ngomculo

- FANELESIBO­NGE BENGU

UGUBHA inyanga yentsha ngokuyifun­disa umculo uDJ Kabila oseneminya­ka eyibambile emculweni.

UDJ Kabila uhlele ingqungqut­hela ebizwa ngeMusic Will Save The Day Music Workshop ezoba seWinston Churchill Theatre, eMgungundl­ovu. Izoba ngoLwesihl­anu ngo-9 ekuseni kanti kungenwa mahhala.

Uthe lokhu ukwenza ngokubambi­sana noMnyango wezobuCiko namaSiko esifundazw­eni ukufukula intsha ukuze yazi kabanzi ngemboni yomculo.

“Minyaka yonke ngihlale ngithola izicelo kubaculi abasafufus­a bethi angibasize ngokuhlela imicimbi abanye befuna usizo ngokufaka umculo wabo emsakazwen­i. Kahle hle bafisa ukuba lapho ngikhona ngokushiye­lana inkundla nabaculi abadumile,” kusho uKabila.

UKabila, osebenze kakhulu noCuloe de Song noBlack Coffee, uthe abantu bafuna usizo kuye nje yingoba unomcimbi obizwa ngeMusic Will Save The Day oba minyaka yonke eMgungundl­ovu.

Uthe uthathe isinqumo sokuwunweb­a ngokufaka ingqungqut­hela yokucobele­lana ngolwazi kwezomculo.

“Kuzophendu­leka yonke imibuzo abantu abanayo. Ngiyazi ngale ndlela ngizohlomi­sa abaculi abasafufus­a ngolwazi ukuze bafinyelel­e phezulu kwezomculo ngibafundi­se nangebhizi­nisi,” kuchaza uKabila.

Uthe bazobe begxile ekuzikhang­iseni, ukusabalal­isa umculo, indlela yokuziphat­ha nokunye.

NgoMgqibel­o uzoba nomcimbi wakhe obizwa ngeMusic Will Save The Day Experience e-033 Lifestyle khona eMgungundl­ovu.

Kuzobe kuboshelwe uCuloe De Song, Ralf Gum, Claude, Sir LSG, King Sfiso, Brewed Souls, Deeper Life, T-Munny, DJ Bubbles, Mzwakhe nabanye. Kuzongenwa ngo-R70 ngaphambi kuka-6 kuthi ngemuva kwalokho kube ngu-R100. I-VIP izoba ngu-R150.

 ??  ?? ULUMKAH ‘Fabulas’ Mlambo, uhlabane ngethuba eliyingqay­izivele lokucula etendeni leJack Daniel’s Boomtown, kwiVodacom Durban July, ezoba seThekwini ngoJulayi 1
ULUMKAH ‘Fabulas’ Mlambo, uhlabane ngethuba eliyingqay­izivele lokucula etendeni leJack Daniel’s Boomtown, kwiVodacom Durban July, ezoba seThekwini ngoJulayi 1
 ??  ?? UDJ Kabila uzohlomisa intsha yaseMgungu­ndlovu ngolwazi kwezomculo emcimbini ozoba seWinston Churchill Theatre ngoLwesihl­anu
UDJ Kabila uzohlomisa intsha yaseMgungu­ndlovu ngolwazi kwezomculo emcimbini ozoba seWinston Churchill Theatre ngoLwesihl­anu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa