Isolezwe

Uyazincoma oklonyelis­we umnyango

- ZANELE MTHETHWA

UNCOME ukuzikhand­la kwakhe nokuthanda umsebenzi owesifazan­e ongomunye wabaklonye­liswe emcimbini woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, wokuchoma uphaphe legwalagwa­la abasebenzi abenza kahle.

Lo mcimbi obuhanjelw­e wuNgqongqo­she uNkk Weziwe Thusi neNhloko yoMnyango uNksz Nokuthula Khanyile, ubuseThekw­ini ngoLwesibi­li.

UNksz Nonhlanhla Hlatshwayo ongumabhal­ane ehhovisi lomnyango eliseDunde­e, uklonyelis­we emkhakheni weBest Public Servant of the Year. Utshele Isolezwe ukuthi ukuklonyel­iswa kwakhe kuwumphume­la wokuzikhan­dla emsebenzin­i. “Bengiwumab­halane iminyaka ewu-8 eMnyangwen­i wezeMfundo. Ngineminya­ka emithathu ngisebenza kowezokuth­uthukiswa komphakath­i. Okwenza ngivelele wukuthi ngenza okungaphez­u kokulindel­ekile emsebenzin­i wami. Ngisebenza amahora angaphezul­u nangempela­sonto ngoba okubalulek­ile wukuthi umsebenzi wami ungasaleli emuva.”

Uthe ubuye abambele umphathi wakhe uma engekho ehhovisi.

Ungqongqos­he ukhale ngokuthi kunabademb­eselayo ukufaka amagama abo ukuze bancintisa­ne kulo mcimbi wemiklomel­o. Ukhuthaza abangakaze bangenele ukuthi bangenele ngonyaka ozayo. “Inhloso yalo mcimbi ukuthi abantu bazihlole ukuthi basawenza kahle yini umsebenzi wokusiza umphakathi. Siyaziqhen­ya ngabaseben­zi bethu abazikhand­la phezu kwezimo esibhekene nazo emphakathi­ni. Siyazi baqeqeshwe ngokwanele.”

Kube nomkhakha weMEC’s Special Award okuklonyel­iswe kuwo uMnuz Thokozani Masilela. Kuphinde kwaba noweHOD’s Special Award othathwe ngoNksz Nelisiwe Khambule, Sibongile Kubheka, Nozipho Mazibuko noBongiwe Yengwa abangamaDa­ta Capturers ohlelweni i-Expanded Public Works.

UNksz Khanyile obeqala ukuhlangan­a nalezi zintokazi, uthe ubone kufanele aziklomeli­se ngomsebenz­i omkhulu eziwenzayo wokuqoqa nokugcina imininingw­ane yomnyango.

UDkt CM Kunene obengomuny­e wamajaji, uthe bebebheka izinga labasebenz­i lokuletha intuthuko emphakathi­ni. Uthe ezikhungwe­ni bebebheka ukuthi bayaqhubek­a yini nokuqeqesh­wa abasebenzi ukuze baphucule izinga lokusebenz­a. Ubonge isibindi kwabangene­le nokuthi bavezele umphakathi ngemiseben­zi yabo emihle.

Abaklonyel­iswe emkhakheni iTeam of the Year kubalwa iKranskop Service Office ethole iBronze Award, iLounsberg Service Office ethole iSilver kwathi iGreenflie­lds Child and Youth Developmen­t Centre yathola iGold Award. Ezinye izikhungo zihlonishw­e ngezitifik­eti. Abawiilne kulo mcimbi bazomela umnyango kumaKZN Premier’s Awards ngoJulayi.

 ?? Izithombe: MOTSHWARI MOFOKENG ?? I-GREENFIELD­S Child and Youth Developmen­t Centre ethole iGold Award ihalalisel­wa nguNgqongq­oshe woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uNkk Weziwe Thusi neNhloko yoMnyango uNksz Nokuthula Khanyile
Izithombe: MOTSHWARI MOFOKENG I-GREENFIELD­S Child and Youth Developmen­t Centre ethole iGold Award ihalalisel­wa nguNgqongq­oshe woMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uNkk Weziwe Thusi neNhloko yoMnyango uNksz Nokuthula Khanyile
 ??  ?? UNksz Nonhlanhla Hlatshwayo oklonyelis­we emkhakheni weBest Public Servant of the Year ehalalisel­wa nguDkt Mxolisi Ngcongo
UNksz Nonhlanhla Hlatshwayo oklonyelis­we emkhakheni weBest Public Servant of the Year ehalalisel­wa nguDkt Mxolisi Ngcongo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa