Isolezwe

Umyeni weminyaka emine ungishiye wayohlala neshende

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sesineminy­aka eyisithuph­a sishadile. Eminyakeni emibili edlule ngakhulelw­a amawele kodwa ashona emva kwengozi engaba nayo. Akuphindan­ga kwahamba kahle phakathi kwami nomyeni wami emva kokushonel­wa abantwana bethu. Inkinga wukuthi sekunzima ukuphinda ngikhulelw­e. Sesikuzame konke ukuthola abanye abantwana kodwa akwenzekil­e. Umyeni akaphindan­ga wafana emva kokulahlek­elwa abantwana bethu. Angisazi ngenzenjan­i.

Sindi, KwaHlabisa IMPENDULO: Kuyinto ejwayekile kwabashadi­le ukuthi kube nokungabon­i ngaso linye emva kokushona komntwana. Lokhu kwenziwa wubuhlungu enisuke nidlula kubona. Nidinga ukwelashwa okufanele ukuze nidlule kulesi simo enikusona. Akekho umntwana okumele afike emhlabeni ukuzovala isikhala somunye. Nobabili nidinga ukubonana nodokotela bezengqond­o ukuze banisize ukubhekana nokushiywa abantwana benu. UMBUZO: Ngiphelelw­e wumsebenzi izinyanga eziyisithu­pha ngenxa yesiteleka emsebenzin­i. Ngangena ezikweleti­ni ngenxa yokungaseb­enzi. Igama lami selingene ku-ITC. Angithokoz­ile ngendlela umyeni wami abengiphet­he ngayo ngesikhath­i ngiphelelw­e wumsebenzi. Ubengangis­izi ngalutho ukuze ngingangen­i ezikweleti­ni. Manje usethi yimina osephuthen­i. Ngizifake mina kulesi simo ngakho kumele ngizikhiph­e mina. Bengingali­ndele ukuthi umyeni wami kube uyena ongangesek­i ngale ndlela.

Thulo, eMkhomazi IMPENDULO: Ave ubuhlungu umshado wabantu abangabamb­isene. Kusobala ukuthi anibambise­ne nomyeni wakho. Ukulahleke­lwa wumsebenzi kumele kumthinte naye ngoba kuthinta imali yenu njengomnde­ni. Ngabe anikho kule nkinga enikuyona ukuba nabambisan­a zisuka. Udinga ukuhlala phansi nomyeni wakho umdwebele isithombe senkinga okuyona ngokwezima­li, nokuthi angakusiza kanjani. Qalani nikhokhe izikweleti kancane nize niziqede. Uma seziphelil­e wazise abakwa-ITC ukuze balungise igama lakho. Ayikho into edlula ukubambisa­na uma nifuna ukwakha ikhaya elinokuthu­la. UMBUZO: Sesishade iminyaka emine nomyeni wami. Ezinyangen­i ezintathu ezedlule ngithole ukuthi useyajola. Ngathi uma ngimbuza, wangangiph­endula – wagcina engiziba nje. Emasontwen­i ambalwa adlule wahamba ekhaya ngoLwesihl­anu eya emsebenzin­i waze wabuya ngeSonto. Yila angitshela khona ukuthi usethole umuntu amthandayo, ngakho ucela sihlukanis­e. Ngakusasa uma ngibuya emsebenzin­i ngafika eseqoqe konke okungokwak­he, eseshaye wachitha. Ngiphithen­e umqondo kumanje. Angazi nokuthi ngithathen­i ngiyihlang­anise nani.

Zama, eMbali IMPENDULO: Ukuhlukani­sa akuyona into emnandi. Kodwa kubukeka sengathi umyeni wakho useqedile ngalolu daba futhi akukho okusazomsh­intsha umqondo. Akusona isikhathi sezinyembe­zi lesi futhi akukho wena okwenzile ukuze umyeni wakho akushiye. Ungabe usachitha isikhathi. Hlanganisa imindeni uyazise ngesinqumo somyeni. Hlanganani nommeli ukuze umenzele kube lula umyeni wakho. Uma sekudlulil­e konke uzodinga ukubonana nongoti ukuze uthole ukwelaphek­a emoyeni. UMBUZO: Ngingumako­ti osemncane ononyaka eshadile. Umyeni wami uhlala esejimini ekuseni nantambama. Uvuka ekuseni aqonde khona, bese ephumela khona uma ebuya emsebenzin­i. Njalo phakathi nesonto, ubuya esezolala ekhaya. Ngisho ukudla, ukudlela ekamelweni. Akaxoxi. Uphendula lokho ombuza kona. Akanasikha­thi somndeni.

Khanya, eHighflats IMPENDULO: Kuyinto enhle ukuzivocav­oca. Kuyimpilo. Kodwa ake uzame ukukhuluma naye ngokungabi bikho kwakhe ekhaya. Futhi kungakuhle nawe ngezinye izinsuku uke nje uhambe naye uyozivocav­oca. Lokhu kuzokhulis­a ubudlelwan­e benu njengezith­andani. Hlalani phansi nikhulume ngokubalul­eka kokuhlela isikhathi esikhethek­ile senu. UMBUZO: Ngineminya­ka engu-27, ngiseyinto­mbi nto. Ngisanda kuthandana nowesilisa engithole ukuthi ushadile emva kokuthanda­na naye. Ubefihlile, ngaze ngazithole­la mina. Ngimthanda ngenhliziy­o yami yonke. Sengikulun­gele ngisho nokumnika ubuntombi bami.

Thembi, KwaMakhuth­a IMPENDULO: Ukuzigcina kwakho kubaluleke kangakanan­i kuwena? Emva kokuzigcin­a isikhathi esingaka usufuna ukulahla ubuntombi bakho ngomuntu ongenakusa­sa naye? Ukuthi uyamthanda akushintsh­i ukuthi ushadile. Okusemqoka wukuthi usuyazi ukuthi ushadile ngakho phuma kulobu budlelwano ngoba buzokuphul­a inhliziyo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa