Isolezwe

Sengathi ungasabala­la umbono wabafundi baseLittle Flower

-

KUKHATHAZA cishe wonke umuntu ukubheduka kokuthunjw­a, ukuhlukuny­ezwa, ukudlwengu­lwa nokubulawa kwezingane nabesifaza­ne.

Sekube khona imikhankas­o ehlukene eqwashisa nelwa nalo mkhuba omubi futhi osuwenze abantu bangakhulu­leki.

Eminye yale mikhankaso ngowabafun­di baseLittle Flower High, eXopo obizwa ngeWomen Wednesday, lapho laba bafundi beqwashisa khona baphinde baqoqe nemali.

Bathi ngenxa yokungakhu­luleki kwabafundi asebesaba ukwenzakal­iswa, abanye abasakwazi ukuya emakilasin­i engeziwe nayisipesh­eli njengoba eba ntambama, kwazise abanye bahamba amabanga amade uma sebegoduka.

Ngomkhanka­so weWomen Wednesday kudayiswa izikibha ezinemiyal­ezo eqwashisay­o ebese imali abayenzile isetshenzi­selwe ukuqasha izimoto ezizogoduk­isa abafundi abayingxen­ye yamakilasi engeziwe.

Sibashayel­a ihlombe abafundi baseLittle Flower ngalo mkhankaso wabo oshaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa.

Yize kukhathaze­ke isizwe ngokunyama­lala nokubulawa kwabantu kepha akuwona wonke umuntu onesibindi, intshiseke­lo namandla okusungula noma ukuba yingxenye yemikhanka­so eza nomehluko empilweni yabantu.

Izikole ezinamakil­asi engeziwe ekuseni ngaphambi kokuqala kwesikole, ntambama nangempela­sonto, ziba nemiphumel­a ekhombisay­o ukuthi sikhona isidingo sawo.

Yingakho silincoma kakhulu igxathu elithathwe yilaba bafundi abakwaze ukuqhamuka nesisombul­ulo esimeni esishayisa ngovalo.

Sengathi singabaxha­sa sonke ngokutheng­a lezi zikibha yikhona isikhwama abasisungu­lile sizokwazi ukuba nemali eyenele yokumelana nezindleko zokusiza abanye abafundi.

Sengathi lo mbono waseLittle Flower ungangaphe­lela khona kodwa usabalale nezwe yikhona kuyosizaka­la abafundi abaswele, bangavalel­eki ngaphandle ngenxa yokungabi namali nazinsiza.

Nime njalo bafundi baseLittle Flower, niyisibone­lo esihle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa