‘Ibhizinisi liyakudinga ukumakethwa’
USOMABHIZINISI osophikweni lwezokumaketha uthi kubalulekile ukuzama inhlanhla uma ungumuntu ngoba lokho kukodwa kuveza ukuthi wena ufunani.
Lokhu kushiwo nguNksz Mbali Bhengu, waseWestville ongumnikazi wenkampani esiza ezinye izinkampani ngokuzimakethela imikhiqizo yazo, iMind Switch.
UNksz Bhengu uthe inkampani yakhe yasungulwa ngo-2014 kodwa iqale ukusebenza nyakenye. Kuthe inezinyanga iqale ukusebenza umngani wakhe wamtshela ngomncintiswano iSAB Kick Start.
“Ngangingafuni ukuwungenela ngoba ngicabanga ukuthi ngisemusha endimeni, kusadingeka ngiqale ngisebenze ngaphambi kokuthi ngingenele imincintiswano. Umngani waqhubeka nokuthi ngokubona kwakhe kumele ngiwungenele. Ngagcina ngikwenzile. Ngamangala uma ngitshelwa ukuthi ngikhethwe ngaba kwiTop 25,” kusho uNksz Bhengu.
Ukuzingabaza uthe kwabuye kwabuya ngesikhathi esehlangene nabanye osomabhizinisi abakwi Top 25 eGoli ngesikhathi esezwa ukuthi sebenesikhathi eside besebenza futhi iningi labo babenza imali eningi ngonyaka.
“Ngazibonela ukuthi ngeke ngidlule kulo mzuliswano ngoba bekunabantu abathi uma bexoxa ngizizwe ngingenwa amanzi emadolweni. Uma sekufike ethubeni lami ngangena ngasho lokho engangifisa ukukusho ngebhizinisi lami. Ngase ngipakishile ngithi ngiyagoduka. Ngemuva kwamahora ambalwa amajaji abuya amemezela ukuthi ngikwi-Top10. Angikholwanga kubizwa igama lami. Ngehluleka nokuzibamba ngamemeza ngenxa yenjabulo,” kusho uNksz Bhengu.
Ibhizinisi lakhe laba nenhlanhla ngokuthi lithole amakhasimende liqala ukusebenza.
“Ngasizwa yinkampani esiza osomabhizinisi abancane ngemishini yokukhokhisa ama-speed points, iKhokha Solutions. Ngiphinde ngahambela amabhizinisi amancane ngikhombisa ukuthi ama-speed point asebenza kanjani.”
Ngemuva kwalokhu wathola ikhasimende elisophikweni lwezokuvakasha eThekwini, nalo elalinezinhlelo elifuna ukuzimaketha.
“Engikwaziyo wukuthi noma yiliphi ibhizinisi liyadinga ukumakethwa, akukhathalekile ukuthi lokho likudinga nini. Elinye lidinga ukumakethwa lisaqalwa elinye njalo uma likhipha umkhiqizo omusha noma lifuna ukukhuphula izinga lokuthengwa komkhiqizo walo.”
Inkampani yakhe imaketha ngezindlela ezimbili, ngokuthi iphume iye emigwaqweni ikhombise amakhasimende ukuthi umkhiqizo usebenza kanjani noma isebenzisane nekhasimende bacubungule ukuthi iyiphi indlela ikhasimende eliyicabangayo nokuthi lizimisele ukusebenzisa malini.
“Uma sivumelene ngokuthi sisebenzisa i-internet, senza i-website sikhangise nasezinkundleni zokuxhumana. Lapho ikhasimende ngiyalifundisa ukuthi likwenza kanjani.”