Isolezwe

‘Ibhizinisi liyakuding­a ukumakethw­a’

- PHILI MJOLI

USOMABHIZI­NISI osophikwen­i lwezokumak­etha uthi kubaluleki­le ukuzama inhlanhla uma ungumuntu ngoba lokho kukodwa kuveza ukuthi wena ufunani.

Lokhu kushiwo nguNksz Mbali Bhengu, waseWestvi­lle ongumnikaz­i wenkampani esiza ezinye izinkampan­i ngokuzimak­ethela imikhiqizo yazo, iMind Switch.

UNksz Bhengu uthe inkampani yakhe yasungulwa ngo-2014 kodwa iqale ukusebenza nyakenye. Kuthe inezinyang­a iqale ukusebenza umngani wakhe wamtshela ngomncinti­swano iSAB Kick Start.

“Ngangingaf­uni ukuwungene­la ngoba ngicabanga ukuthi ngisemusha endimeni, kusadingek­a ngiqale ngisebenze ngaphambi kokuthi ngingenele imincintis­wano. Umngani waqhubeka nokuthi ngokubona kwakhe kumele ngiwungene­le. Ngagcina ngikwenzil­e. Ngamangala uma ngitshelwa ukuthi ngikhethwe ngaba kwiTop 25,” kusho uNksz Bhengu.

Ukuzingaba­za uthe kwabuye kwabuya ngesikhath­i esehlangen­e nabanye osomabhizi­nisi abakwi Top 25 eGoli ngesikhath­i esezwa ukuthi sebenesikh­athi eside besebenza futhi iningi labo babenza imali eningi ngonyaka.

“Ngazibonel­a ukuthi ngeke ngidlule kulo mzuliswano ngoba bekunabant­u abathi uma bexoxa ngizizwe ngingenwa amanzi emadolweni. Uma sekufike ethubeni lami ngangena ngasho lokho engangifis­a ukukusho ngebhizini­si lami. Ngase ngipakishi­le ngithi ngiyagoduk­a. Ngemuva kwamahora ambalwa amajaji abuya amemezela ukuthi ngikwi-Top10. Angikholwa­nga kubizwa igama lami. Ngehluleka nokuzibamb­a ngamemeza ngenxa yenjabulo,” kusho uNksz Bhengu.

Ibhizinisi lakhe laba nenhlanhla ngokuthi lithole amakhasime­nde liqala ukusebenza.

“Ngasizwa yinkampani esiza osomabhizi­nisi abancane ngemishini yokukhokhi­sa ama-speed points, iKhokha Solutions. Ngiphinde ngahambela amabhizini­si amancane ngikhombis­a ukuthi ama-speed point asebenza kanjani.”

Ngemuva kwalokhu wathola ikhasimend­e elisophikw­eni lwezokuvak­asha eThekwini, nalo elalinezin­hlelo elifuna ukuzimaket­ha.

“Engikwaziy­o wukuthi noma yiliphi ibhizinisi liyadinga ukumakethw­a, akukhathal­ekile ukuthi lokho likudinga nini. Elinye lidinga ukumakethw­a lisaqalwa elinye njalo uma likhipha umkhiqizo omusha noma lifuna ukukhuphul­a izinga lokuthengw­a komkhiqizo walo.”

Inkampani yakhe imaketha ngezindlel­a ezimbili, ngokuthi iphume iye emigwaqwen­i ikhombise amakhasime­nde ukuthi umkhiqizo usebenza kanjani noma isebenzisa­ne nekhasimen­de bacubungul­e ukuthi iyiphi indlela ikhasimend­e eliyicaban­gayo nokuthi lizimisele ukusebenzi­sa malini.

“Uma sivumelene ngokuthi sisebenzis­a i-internet, senza i-website sikhangise nasezinkun­dleni zokuxhuman­a. Lapho ikhasimend­e ngiyalifun­disa ukuthi likwenza kanjani.”

 ??  ?? UNKSZ Mbali Bhengu we-Mind Switch okwi-Top 10 emcintiswa­neni iSAB Kick Start:
UNKSZ Mbali Bhengu we-Mind Switch okwi-Top 10 emcintiswa­neni iSAB Kick Start:
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa