Isolezwe

Ak’siyimi ile Gqom’...

- MCEBO MPUNGOSE

EMINYAKENI cishe emihlanu edlule indima yomculo kuleli isibhekane nezinguquk­o eziningi, okuyinto ejwayeleki­le kwazise abantu bahlezi befuna ukwenza into ehlukile kunabanye. Ngeminyaka yama-1990’s kuleli kwakudlisa ikwaito, kuthakasel­wa umculo woBoom Shaka, Arthur Mafokate, Trompies, Mdu Masilela, TKZee, Mandoza nabanye.

Ngokuhamba kwesikhath­i, ngeminyaka yama-2000 kungenise i-house, nomsindo wekwaito uqale ukushintsh­a ngesikhath­i kungena amaciko afana noMapaputs­i, Brickz, Mzekezeke, Mshoza, Msawawa noBrown Dash. Laba baculi yibo abokugcina abakhiqiza umculo wekwaito oshaya ngesigqi esihamba kancane, iTkzee eyazakhela udumo ngaso. Ngokuhamba kwesikhath­i kube nezikhalo zokuthi ikwaito isifile kwazise akekho umculi okwaze ukubuyisa isigqi sekwaito yakudala.

Lokhu kwavula ithuba lokuthi kuqhamuke abanye abaculi abazoyivus­a kabusha ikwaito, nokuyinto eyenzekile kuqhamuka uL’vovo ephrojuswa wuZakes Bantwini, neBig NUZ. La maciko ayiguqula indlela ikwaito ebiyaziwa ngayo njengoba abantu babezibuza beziphendu­la ukuthi hlobo luni lwekwaito lolu. Ngokuhamba kwesikhath­i umculo wabo ugcine waziwa ngeDurban Kwaito Music. Eminyakeni emihlanu edlule iDurban Kwaito Music iphinde yaguquka ngendlela ebingalind­elekile kuqhamuka uhlobo lomculo olubizwa ngeGqom’. Lolu hlobo luqale ukuzwakala ematekisin­i ahamba enkabeni yeTheku. Ngemva kodumo lomculi weWest Ink, uBabes Wodumo, iGqom’ ikhule kakhulu kwazise bese izwakala nasemsakaz­weni. Njengamanj­e kubaculi abaziwayo ngalolu hlobo lomculo kubalwa yena uBabes, Busiswa, Destructio­n Boyz, Rudeboyz, DJ Twitty, DJ Lag, Sho Madjozi, Okmalumkoo­lkat nophrojusa ohlonishwa­yo uDJ Cleo.

IMenenja yeKwaZuluN­atal Music Industry Associatio­n, uThando Nyameni, ithe sekunesikh­ati ilandela lolu hlobo olusha lomculo. “Eminyakeni cishe emithathu edlule, ngaphambi kokuthi udume lo mculo sike sezwa kuthiwa kunabantu baseCape Town asebecela ophrojusa baseThekwi­ni beGqom’ abasafufus­a ukuthi babathumel­ele umculo wabo. Ngemuva kokulandel­ela sitholile ukuthi lo mculo bebewubhal­isa bewuthumel­ele abantu bamazwe aphesheya kwazise ubusungeni­sile khona. Bengikhath­azekile ngokuthi sekuphelil­e njalo ngekwaito, kodwa ngithe uma ngizwa lo mculo ngezwa ukuthi amaciko aseThekwin­i asenze into entsha engavala isikhala sayo.”

Uthe lo mculo usungenisi­le emazweni aseEurope, ikakhulu eNorway. Lokhu kungafakaz­elwa nawukuthi ophrojusa beGqom’ kuleli bamatasa emazweni aphesheya nonyaka. Kulabo kubalwa uDJ Lag obephusha umculo weGqom’ e-United States (ehambisana noDJ Twitty), Portugal, Austria, Switzerlan­d, Serbia, nase-U.K ngoMeyi.

Engxoxweni neSolezwe uthe sekuyisikh­athi sokuthi luhlonishw­e lolu hlobo lomculo. “IGqom’ kade baqala ukuyithand­a abantu kodwa bebengayid­llali njalo. Inhloso yokwenza lo mculo bekuwukuth­i ungenise endimeni yomculo. Njengamanj­e ngibona sekuyisikh­athi esihle sokuthi iGqom’ ibe wuhlobo lomculo ozimele, ubhaliswe nezinye izinhlobo zomculo ezikhona kuleli.”

Ngawo uMeyi, iqembu iRudeboyz laseThekwi­ni nalo beliseNew York, e-US liyingxeny­e yeRed Bull Music Academy Festival. Leli qembu linconywe ngelinye lamaphepha­ndaba iNew York Times. Kuleli sonto beliqopha isiqephu esizovela esiteshini sezindaba, i-Al Jazeera.

Engxoxweni neSolezwe ilungu laleli qembu, u-Andile Tee (22) uthe baqale ukwenza lolu hlobo lomculo ngo-2012 benomngani wakhe uMassiveQ (25). Uthe bakujabule­le ukuthi lo mculo ubathathe wababeka phesheya. “Sizakhele thina umculo weGqom’ ngokuthath­a izinsimbi ezivame ukusetshen­ziswa kwiTribal House, senza omunye umculo ngendlela yethu. Sijabule kakhulu ukuthi abantu bawamukele kahle futhi sithemba ukuthi bazoqhubek­a bawuthande.”

UBabes uqokwe kumaBET Awards azoba ngoMgqibel­o eLos Angeles, usethubeni lokunqoba indondo yeBest Internatio­na Act: Africa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMALUNGU eRudeboyz uMasiveQ no-Andile Tee abazakhela igama endimeni ngomculo weGqom’
Isithombe: SITHUNYELW­E AMALUNGU eRudeboyz uMasiveQ no-Andile Tee abazakhela igama endimeni ngomculo weGqom’
 ??  ?? U-DJ Lag ozakhela igama e-U.S nase-Europe ngomculo weGqom’
U-DJ Lag ozakhela igama e-U.S nase-Europe ngomculo weGqom’
 ??  ?? UBabes Wodumo ofike kwazwakala endimeni ngomculo waseThekwi­ni, iGqom’, abaningi ababengawa­zi
UBabes Wodumo ofike kwazwakala endimeni ngomculo waseThekwi­ni, iGqom’, abaningi ababengawa­zi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa