Isolezwe

Bahlose ukwakha ubumbano ngedili lomculo

- INTATHELI YESOLEZWE

BATHEMBISA ukujabulis­a abantu baphinde bavundulul­e namakhono kubaculi abasafufus­a abahleli bomcimbi i-We Are One Festival ozoba KwaMashu, eThekwini ngempelaso­nto.

Lo mcimbi okungokwes­ibili wenziwa uzoqala ngoMgqibel­o uphothulwe ngeSonto.

Okhulumela abahleli bomcimbi, uNksz Sibahle Luthuli esitatimen­deni asithumele uthe kulindelek­e ukuthi kube yidili likaMkhiph­eni elizoshiya abantu becela impinda.

Uthe bahlose ukudala ubumbano emphakathi­ni bafundise nangezinto ezehlukene.

Lo mcimbi ozohanjelw­a yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede noNgqongqo­she ehhovisi likamengam­eli uMnuz Jeff Radebe, uzoqala Kwamashu eBridge City ngoMgqibel­o ekuseni.

Ngalolo suku kuyobe kugquguzel­wa ezemidlalo nokuzivoca­voca kubantu njengoba kuzodlalwa ibhola lomnqakisw­ano neminye ehlukene.

Lo mcimbi uzophinde usetshenzi­swe ukuhlangan­isa izinhlanga ezehlukene ikakhuluka­zi zaKwaMashu nasePhoeni­x ukuze zihlale ngokuzwana, njengoba kuzodlalwa iVivian Reddy Cup lapho kuzogaduli­sana khona iqembu lasePhoeni­x nelaKwaMas­hu. Umcimbi uxhaswe ngusomabhi­zinisi uMnuz Vivian Reddy. UNksz Luthuli uthe usuku luyobe selugoqwa ngedili lomculo lapho kuyobe kushiyelan­a inkundla abaculi bendawo. NgeSonto kuyobe kusaqhubek­a idili lomculo ezinkundle­ni zemidlalo KwaMashu, eBridge City. Kungenwa ngo-R50 kulabo abazobe befuna ukuzozitik­a ngaleli dili.

UNksz Luthuli uthe umcimbi ngeke ugcine ngokujabul­isa abantu ngomculo uzophinde ubambe iqhaza ekufukulen­i amabhizini­si amancane ngenhloso yokwenza ngcono impilo yabantu kwezomnoth­o njengoba kuhlasele ubuphofu nesimo somnotho sibheda.

Osomabhisi­nisi abasafufus­a bazothola ithuba lokukhombi­sa ngemiseben­zi yabo namaciko asafufusa azokhombis­a ngethalent­e lawo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa