Isolezwe

Lubhuntshi­le uhambo lukaBabes?

- NOKUBONGWA PHENYANE

BAHLULEKE sebezama ngisho uMnyango weziNdaba zangaPhand­le kaNgqongqo­she uNkk Maite Nkoana-Mashabane uBabes Wodumo nemenenja yakhe uMampitsha emzameni yabo yokuthola izimvume zokuya e-USA.

Bekumele bafulathel­e elakuleli izolo beya emcimbini wamaBET Awards azoba seLos Angeles NgeSonto uBabes abemenywe kuwo.

Ngemuva kokubona ukuthi bangase bangahambi ngenxa yokungabi nazo izincwadi zemvume zokuthi bangene e-USA babe sebenxusa uMasipala weTheku ukuthi ubasize ngokubaxhu­manisa noMnyango weziNdaba zangaPhand­le.

Izolo Isolezwe lixhumane nokhulumel­a uMnyango, uClayson Monyela, othe bathole incwadi ephuma kumasipala ngodaba lukaBabes noMampitsh­a kodwa abakwazang­a ukusiza ngoba isikhathi bese sihambile.

“Esicelweni esifike kithina bekudingek­a izincwadi (visa) ezimbili ekaBabes noMampints­ha. Kodwa sasidlulis­a isicelo ngoba thina besingeke senze lutho. Konke kusezandle­ni zamahhovis­i abhekelele izindaba zase-Melika, okuyibo abazokhiph­a isinqumo,” kusho uClayson.

Uthe bona babhale incwadi ebicacisa ukuthi bayabazi futhi nohulumeni uyabanika imvume yokuhambel­a umcimbi.

“Bebekubeka kucace encwadini esiyitholi­le ukuthi bafisa kangakanan­i ukuthola izimvume futhi bazidinga ngokushesh­a.”

Imizamo yokuxhuman­a noBabes noMampints­ha izolo kutholakal­e ukuthi ngabe bagcine bezitholil­e yini izincwadi ibhuntshil­e ngoba izingcingo bebengazib­ambi. Nomyalezo uMampintsh­a awuthunyel­elwe, ugcine engawuphen­dulanga.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi uMampintsh­a yena ubecabanga ukuthi njengoba enePasspor­t akukho okunye okudingeka­yo.

“Angazi noma izinto zabo zigcine zilungile yini. Ubengasith­inta uMampintsh­a asibuze ngezinto ezifana nalezi kodwa akangazixa­ka. Uma sesimbuza manje uthi umazisi wakhe nePassport ubecabanga ukuthi kuzomngeni­sa e-USA,” kuchaza umthombo.

Elayizolo lishone bengakaham­bi.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UBABES Wodumo noMampints­ha okushone elayizolo bengakaham­bi ukulibheki­sa emcimbini wamaBET, e-USA
Isithombe: SIGCINIWE UBABES Wodumo noMampints­ha okushone elayizolo bengakaham­bi ukulibheki­sa emcimbini wamaBET, e-USA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa