Isolezwe

Imicimbi ehambisana neVDJ eMax’s Lifestyle

- NOKUBONGWA PHENYANE

INDAWO yobumnandi eseMlaza, iMax’s Lifestyle ephethwe uMax Mqadi, izogubha iminyaka eyishumi yaba yindawo yokuqala yokuba nemicimbi ehambisana neVodacom Durban July.

NgoLwesihl­anu kwaMax kuzoba nomcimbi wokwamukel­a izihambi nosaziwayo abazobe bekwiVodac­om Durban July ngoMgqibel­o, eGreyville Racecourse, eThekwini.

NgeSonto kuzoba nowokuvala okuzobe kuboshelwe abaculi abanedumel­a.

UMax uthe injongo yale micimbi emibili wukugubha impumelelo yokuba yingxenye yemicimbi ehambisana neDurban July.

“Le ndawo kwaba ngeyokuqal­a elokishini ukuba nomcimbi ohambisana nowamahhas­hi omkhulu kangaka. Umcimbi wamahhashi wawuphelel­a edolobheni kuqala kodwa wagcina ufikile nakithina njengendaw­o yobumnandi,” kusho uMax.

“Sibonga abantu ababa nathi zisuka kuze kube yimanje. Akukho esibona singababon­ga ngakho ngaphandle kokugubha nabo ngedili lemicimbi esizoba nayo iqala impelasont­o ize iphele.”Uthe kulezi zinsuku abantu bazotitili­za imiklomelo eyehlukene njengoba abaxhasi babo, okuyiStand­ard Bank, benezephul­elo kwabazoseb­enzisa amakhadi abo.

“Kubantu abazongena esangweni basebenzis­e amakhadi aleli bhange uma bethenga amathikith­i noma bethenga inyama. Bazothola isaphulelo sika-R100. Nesitolo sezimpahla zasendlini sakwaHirsc­h sizophisan­a ngezimpahl­a ezehlukene,” kuchaza uMax.

Emcimbini ongoLwesih­lanu kuzoba khona abaculi abafana no-Okmalumkoo­lkat, WTF, DJ Fresh, Ruff Gum, Fistaz Mixwell kanti ngeSonto kuzoba khona uCasper Nyovest, KO, DJ Tira noSomizi.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? KUZOBA nedili lezinsuku ezimbili eMax’s Lifestyle, kaMax Mqadi eMlaza, begubha iminyaka eyishumi baqala ukuba nemicimbi ehambisana neDurban July
Isithombe: INSTAGRAM KUZOBA nedili lezinsuku ezimbili eMax’s Lifestyle, kaMax Mqadi eMlaza, begubha iminyaka eyishumi baqala ukuba nemicimbi ehambisana neDurban July
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa