Isolezwe

Bamashele udokotela oshaya iziguli azithuke

- PHILI MJOLI

UMPHAKATHI waSosindis­weni, eNdwedwe, umashele umphathi wesibhedle­la sakule ndawo, ukhala ngodokotel­a okuthiwa ushaya iziguli abuye azichaphe ngezinhlam­ba, izolo.

Lo mphakathi ubufuna umphathi ukuthi aphendule ukuthi lo dokotela obemiselwe izinsolo zokushaya esinye isiguli ngoJanuwar­i, ubuye kanjani.

Lo dokotela kuthiwa kunenqwaba yeziguli esezifake izikhalo ngaye kubaphathi kodwa ubonakale kuleli sonto esesemsebe­nzini. Uma kubuzwa kumphathi wesibhedle­la, ukuthi ubuye kanjani wathi akazi. Owesifazan­e igama lakhe elingeke lidalulwe uthe washaywa yilo dokotela ngoJanuwar­i, uthe wayeze esibhedlel­a ezolanda imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane lengculazi, kwase kutholakal­a ukuthi umfutho wegazi lakhe uphezulu, kwathiwa akaye kulo dokotela.

“Ngangena udokotela exabana nomunye wesifazane bebanga ukuthi ufunani kulesi sibhedlela ebe engowasoTh­ongathi, wagcina esembiza ngeKhafula. Wathatha ifayela lami wathi nhla, wabona ikhadi elimhlophe wathi yena akahlangan­i neziguli ezinegciwa­ne lengculazi.

“Ngamtshela ukuthi kuthiwe akangihlol­e ngoba umfutho wegazi uphezulu. Wathula, maqede wabiza esinye isiguli, wabiza esesibili nesesithat­hu ngilokhu ngimi kanjalo.

“Eseqedile naso ngambuza ukuthi mina uthi angenzenja­ni, wathatha ifayela wangishaya ngalo ekhaleni ngopha, ngalaliswa kuso lesi sibhedlela,” kusho yena.

Uthe lolu daba walubika kubaphathi wavula necala lokushaywa emaphoyise­ni. Uthe kwaba nesigcawu sokulalelw­a kwezinhlak­a zombili, udokotela waphika ukuthi washaya. Wathi akasakhumb­uli ukuthi efayeleni lakhe kwakubhalw­eni kunalokho wathi lo wesifazane nguyena owamthuka kodwa wehluleka ukhomba ofakazi.

Esegula ngokulande­layo uthe waya komunye udokotela owambuza ukuthi uyena yini owaxabana nodokotela, wavuma.

“Wathi ngeke akwazi ukungisiza, ngaze ngasizwa ngomunye udokotela. Lo dokotela wathi angikhulul­eke uma bengangisi­zi abanye odokotela angoza kuye, kodwa sengiyesab­a ngoba izolo (esho ngoLwesith­athu) ngifike esekhona. Uma ngibuza umphathi wesibhedle­la uthe naye akazi,” kusho yena.

UMnuz Mondli Ngcobo, wabebehola imashi uthe, ngaphandle kwalo dokotela kuningi okungeneli­si ngalesi sibhedlela, njengokuth­i nje iziguli zike ziyoziphak­ela ekhishini abasebenza khona bethi, bakhathele.

Uqhube wathi kuhlangani­swa iziguli emawodini. Uthe iziguli esinesifo sofuba neziphazam­iseke engqondwen­i zilaliswa ndawonye.

“Lolu daba sesike salukhulum­a nomphathi wesibhedle­la, wasishaya indiva. Nyakenye sibe nemashi enjengayo le, asiphendul­wanga,” kusho yena.

UMnuz Sphiwe Yosi obephuma ehhovisi leNhloko yoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe izikhalo zomphakath­i zizodlulis­elwa kuyo inhloko yomnyango.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa