Usazocela ibheyili owazama ukubulala eGlebe
UZOBUYELA ngoMsombuluko enkantolo yeMantshi yaseMlaza, osolwa ngokudubula indodana yekhansela lakule ndawo okuthiwa isono sayo kwaba wukushaya ihutha ehostela eGlebelands.
UMnuz Mawethu Maquthu uvele enkantolo izolo ngecala lokuzama ukubulala uMnuz Nsindiso Nyawose nokubulala umngani wakhe uMnuz Msizi Makhoba.
UMawethu uboshwe ngoLwesine oludlule amaphoyisa abekukhuculula izibhamu ehostela eGlebe.
Izolo, bekuvalwe ngomuntu emnyango enkantolo kwazise umphakathi wakwa-G, eMlaza ubuphume ngobuningi bawo kukhona nomndeni kaMaquthu, nabanye abahlala eGlebe abebezomeseka.
Icala lingene sekushaye u-3 ntambama, lahlehliselwa uMsombuluko ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.
UMaquthu ubhekene namacala amahlanu okungelokubulala, ukuzama ukubulala, elokuduna imoto, elokutholwa nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Izolo, uvele enkantolo wase ebuyiselwa ezitokisini wayalelwa ukuthi abuye enkantolo ngoMsombuluko.
Umndeni wakhe ubumphathele izimpahla zokushintsha ebezifakwe kucwazi kanti abafowabo abazange baphawule lutho kwabezindaba kodwa balinde namanye amalungu omphakathi ukuthi icala lingene.
Okuphawulekayo wukuthi abantu basehostela bebehlezi bodwa nomndeni wakwaNyawose uhlezi namalungu omphakathi wakwa-G.
Yize icala liqale ilanga seliyoshona akekho ohambile, abantu bahlale laze langena.