Isolezwe

Imeya ikhale ngosikhwil­i phambana

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede ikhale ngosikhwil­i phambana nobhoko kumasipala abaholele ekutheni kube nomsindo mayelana nokuhoxisw­a kwengqungq­uthela yokubuyisa­na.

Ekhuluma ngesikhath­i evula ngokusemth­ethweni ingqungqut­hela yemigomo yesifunda seTheku izolo, imeya, ephinde ibe nguSihlalo we-ANC kulesi sifunda, ithe isizathu esidale ukuthi kuhlehlisw­e ingqungqut­hela wukuthi bebefuna ukufaka iziphakami­so ezenziwe engqungqut­heleni yokubuyisa­na yesifundaz­we eyaba KwaMashu.

“Isinqumo sokuhoxisa ingqungqut­hela kukhulunyw­e ngaso ngoLwesine olwedlule kodwa osikhwili phambana nobhoko benza okwabo, siwumkhand­lu besingeke siqhubeke nengqungqu­thela sithathe izinqumo zethu sishiye iziphakami­so zesifundaz­we,” kusho uNkk Gumede.

Uthe okubikwa ngakho emaphephen­i bayakulung­isa.

“Imenenja yomkhandlu uMnuz Sipho Nzuza inenyanga eyodwa iqalile ukusebenza kodwa engingakus­ho wukuthi lolu daba ilusukumel­e phezulu,” kusho yena.

Ukuhoxiswa kwengqungq­uthela kukubeke obala ukungezwan­i phakathi kukaNkk Gumede neNhloko oPhikweni lwamaPaki nezokuNgce­beleka emkhandlwi­ni, uMnuz Thembinkos­i Ngcobo.

Okuphinde kwashubisa ingxabano kakhulu, ukuphawula kukaNgcobo lapho egxeke khona uMnuz Mthunzi Gumede okhulumela imeya wathi uziphathis­a okwenkabi ngendlela aphawule ngayo odabeni oluthinta igama lakhe.

UNkk Gumede uxwayise amalungu e-ANC wathi akumele avumele umuntu ahlukanise umbutho phakathi.

Uthe uma iTheku lihlukene phakathi kusho ukuthi iNingizimu Afrika yonke ihlukene phakathi.

“Ingakho wonke upopayi uma efuna ukudansa eza eThekwini, nalowo ofuna ukudunga inhlangano uza khona,” kusho uNkk Gumede.

Uthe njengoba kuyiwa engqungqut­heleni yemigomo kazwelonke bafuna icaciswe indaba yomhlaba, eyebhange lombuso no-30% wezimayini okumele unikezwe abamnyama.

UNkk Gumede uthe i-ANC inemigomo emihle kodwa inkinga isekuthath­eni izinqumo.

“Sifuna njengoba kuyiwa engqungqut­heleni yemigomo kuzwelonke kucace futhi ukuthi yiziphi izinyathel­o ezizothath­wa uma imigomo ephakanyis­wayo ingasaland­elwa. Kunezinqum­o eziningi ezinhle ezithathwe ePolokwane saphinde saziphakam­isa naseMangau­ng kodwa kuze kube yimanje akukho okwenziwe,” kusho imeya.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa