Isolezwe

Kufe abathathu itekisi lingena emzini womuntu

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSHONE abantu abathathu, kwalimala abayisithu­pha, eMzinyathi, eNanda, ngesikhath­i itekisi liphaphala­za liphonseka emzini womuntu izolo.

UMnuz Chris Botha wakwaNetca­re 911 uthe ngesikhath­i befika endaweni yesehlakal­o bafice abagibeli belele otshanini egcekeni lomuzi. Ezinye izingcezu zetekisi namasondo bekusakaze­ke egcekeni, amafasitel­a efahlazeki­le.

“Ngesikhath­i sihlola, sithole ukuthi abantu abathathu bese beshonile, abayisithu­pha belimele kanzima,” kusho uBotha.

Kwesinye isehlakalo kushone abantu ababili engozini yeveni egingqike kuphunywa emngcwaben­i eWeenen ngaphandle kwaseGreyt­own izolo.

Kuthiwa iveni ibisuka eMuden iqashiwe iya eWeenen emngcwaben­i kodwa ayibange isafika khona.

Evenini bekukhona abantu abangu-15, abayisishi­yagalombil­i balimale kanzima.

Izolo bekungakac­aci ukuthi abashonile bahlobene kanjani nobeyongcw­atshwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt Colonel Thulani Zwane uthe kuvulwe amacala amabili okubulala ngokungenh­loso.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ITEKISI elingene emzini womuntu eMzinyathi, eNanda, izolo kwashona abathathu, abayisithu­pha balimala kanzima
Isithombe: SITHUNYELW­E ITEKISI elingene emzini womuntu eMzinyathi, eNanda, izolo kwashona abathathu, abayisithu­pha balimala kanzima

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa