Isolezwe

I-KZN iphumela obala ngoDlamini Zuma

- MLUNGISI GUMEDE

IKWAZULU-NATAL seyiphumel­e obala ngokweseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuthi kube nguyena umengameli we-ANC olandelayo njengoba kuyiwa engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi obusha ngoDisemba.

Engqungqut­heleni yemigomo yesifunda iTheku izolo, uNksz Nontembeko Boyce oyilungu lesigungu se-ANC KwaZulu-Natal obeyisithu­nywa kule ngqungquth­ela, uthe iKZN inqume ukuphumela obala ngokweseka uDlamini Zuma.

“Njengoba abantu sebeqalile ukukhuluma ngaye nakwezinye izindawo, sibona lokhu kungalimaz­a umkhankaso wakhe yingakho sithi asisho ukuthi siyameseka ukuthi abe ngumengame­li we-ANC, olandelayo,” kusho uNksz Boyce.

“Okwethu njengesifu­ndazwe wukuthi siye emagatshen­i siyodayisa igama lakhe,” usho kanje.

I-ANC esifundazw­eni, izokuba nengqungqu­thela yemigomo lapho kulindelek­e ukuthi imgcobe ngokusemth­ethweni uDkt Dlamini Zuma kule mpelasonto.

Ukuphumela obala kweKZN bekuvele kulindelek­ile ngemuva kokuthi i-ANCYL eThekwini imemezele ukuthi baphakamis­a igama lakhe. Nesifunda iTheku, okuyisifun­da esikhulu kunazo zonke ze-ANC eNingizimu Afrika, samemezela ukuthi sifuna ukuholwa nguyena. Yize i-ANC eKZN beyingakap­humeli obala kodwa uSihlalo wayo uMnuz Sihle Zikalala emicimbini ubelokhu emkhankase­la uDkt Dlamini Zuma.

USihlalo we-ANCWL eThekwini, uNksz Lindiwe Mthembu, uhambe emazwini kaNksz Boyce wathi iTheku lihamba noDlamini Zuma. UDkt Dlamini Zuma ubanga lesi sikhundla nePhini likaMengam­eli, uMnuz Cyril Ramaphosa. Bakhona nabanye abaholi amagama abo avelayo, okubalwa uNkk Lindiwe Sisulu, Mnuz Mathews Phosa noMnuz Jeff Radebe.

UDlamini Zuma wesekwa i-ANCWL, MKMVA ne-ANCYL. URamaphosa wesekwa yiCosatu, SACP neSanco.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa