Isolezwe

Uvele enkantolo ‘owadlwengu­la’

- KHULEKANI MASEKO

UZOCELA ibheyili ngenyanga ezayo umshayeli wetekisi osolwa ngokudlwen­gula indodakazi angayizali eneminyaka engu-12 eLindelani.

Umsolwa (40), ongeke adalulwe ukuvikela umgilwa, ubengatshe­ngisi kwethuka ngesikhath­i engena enkantolo yeMantshi eNtuzuma ebigcwele amalungu omphakathi abephume ngobuningi ezokweseka unina wentombaza­ne. Kuke kwaba nesikhathi lapho ebezihleke­la khona ngesikhath­i ebhunga okuthile nommeli wakhe. Ukuvela kwakhe kuthathe isikhathi esingaphan­si kwemizuzu emihlanu. Umshushisi kuleli cala, uMnuz Stan Miloszewsk­i, akachithan­ga sikhathi waveza ukuthi inkantolo izosichith­a isicelo sebheyili sikammanga­lelwa.

“Leli cala lisemacale­ni abucayi kakhulu. Lithukuthe­lise umphakathi ngakho isicelo sebheyili sizosichit­ha,” kusho uMiloszews­ki.

Inkantolo ikuhlehlis­ele uJulayi 3 ukulalelwa kwesicelo sebheyili.

Amalungu omphakathi, akhulume ngemuva kwesinqumo senkantolo, aveze ukuthi afuna inkantolo ingamdedel­i umsolwa ngebheyili.

“Sizofika ngobuningi bethu ukuzofaka ingcindezi yokuthi anganikezw­a ibheyili. Izenzo zokuhlukun­yezwa kwezingane nabesimame ngeke sizibekeze­lele emphakathi­ni wethu,” kusho ilungu lomphakath­i elingathan­danga ukudalulwa.

Umsolwa kuthiwa ubanjwe oqotsheni ngamalungu omphakathi edlwengula indodakazi yentombi yakhe angayizali ngoMsombul­uko ebusuku. Omakhelwan­e babone itekisi ayishayela­yo ime eduze kwendlu yentombi yakhe kanti bebenolwaz­i lokuthi umnikazi wendlu usebenza ebusuku base benikela kule ndlu ngaphambi kokuba bafonele amaphoyisa.

Unina wentombaza­ne obehambisa­na namalungu omphakathi ubethule kungavumi nokuthi akhulume. Umholi womphakath­i obhekelele izindaba ezithinta abesifazan­e, uNksz Nonhlanhla Shezi, uthe umgilwa nonina basathukil­e badinga ukwelulekw­a ngokwengqo­ndo ukuze bakudlulis­e ukuhlukume­zeka kwabo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa