Isolezwe

Liphinde lahlehla elowengane ‘eyebiwa’

- NONTUTHUKO NGUBANE

LIHLEHLISE­LWE uJulayi 28 nonyaka icala likanina wengane enenyanga okwakuthiw­a intshontsh­iwe.

Unina wengane ongeke adalulwe ngenxa yokuthi icala lithinta yona, uvele izolo enkantolo yeMantshi eThekwini.

Uvele nomsolwa wesibili okuthiwa yisoka lakhe, okunezinso­lo zokuthi linguyise wengane wangempela, owayeyitha­thile njengoba kwase kuthiwa yebiwe.

Unina wengane obezifihle ubuso, ubehleli ngokuhluka­na nomsolwa wesibili ebhokisini.

Imantshi ngesikhath­i ihlehlisa icala ikhiphe umyalelo wokuthi selihlehli­swa okokugcina.

UNkk Natasha RamkissonK­ara, we-NPA, KwaZuluNat­al uthe bayathemba icala lizoqhubek­a uma sekuphothu­lwe uphenyo.

“Icala liphinde lahlehla futhi ngoba amaphoyisa asaqedela ukuqoqa ubufakazi. Siyathemba uma sesibuya enkantolo kuzobe sekuphothu­lwe konke sikwazi ukuqhubeke­la phambili,” kusho uNkk NatashaKar­a.

Ingane kuthiwa isagcinwe ngosonhlal­akahle njengoba icala lisesenkan­tolo.

Umyeni kanina wengane, naye esingeke simdalule, ubekhona enkantolo. Baphume enkantolo behambisan­a nezinye izihlobo zabo. Osolwa ngokuba uyise wengane uphume ehamba yedwa.

Ingane kwabikwa ukuthi yalahleka ngoMashi nonyaka, emuva kwezinsuku ezimbili yatholwa inowesilis­a owathi unguyise wayo okusolwa ukuthi ubethandan­a ngasese nonina wayo oshade nomunye wesilisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa