Isolezwe

Ukhala ngoMasipal­a weTheku odilizelwa umuzi

- PHILI MJOLI

USOLA uMasipala weTheku ngobudeden­gu bokungaqin­isekisi ubunikazi beziza owesilisa waseMarian­nhill, otshelwe ukuthi akakhiphe izimpahla zakhe endlini yomxhaso asehlale kuyo iminyaka emihlanu ngoba ingxenye yayo yakhiwe esizeni somunye umuntu.

UMnuz Malusi Madlala waseSouthm­ead, uthe uphoxekile ngokwenziw­e wumasipala.

“Ngangijabu­la ngithi umasipala ungitakule ekuhluphek­eni, wangakhela indlu kodwa ukujabula kwami kwaphela ngesikhath­i kuze kuphela iminyaka emibili ngingafake­liwe ugesi namanzi,” kusho uMadlala.

Ngesikhath­i eyocela ukufakelwa ugesi namanzi uthe wachithwa, kwathiwa indlu yakhe yakhiwe endaweni engafanele.

“Ngaya ophikweni lwezindlu ngiyobuza ngalokhu, angizange ngiyithole impendulo eqondile. Ngaleso sikhathi ngase ngihlale iminyaka emithathu endlini. Ngagcina ngicela komakhelwa­ne ukuthi bangidonsi­se amanzi nogesi,” kusho uMadlala.

Uthe nyakenye kufike umnikazi wesiza ethi usezokwakh­a, akasuke. UMadlala uthe waya kobika lokhu kwamasipal­a, bamakhela enye indlu kodwa okumele angene kuyona ingaplaste­lwe ngaphakath­i futhi angakwazi ukungenisa kuyo izimoto zakhe ngoba iphakathi nemizi.

Indlu akhishwe kuyo wayeseyilu­ngisile, inama-tiles phansi, ceiling board namakhabet­he.

UMadlala uthe ubenethemb­a lokuthi kukhona abeselungi­se ngakho endlini azokwazi ukukuqaqa ahambe nakho ngoba umasipala wathi akathathe uphahla, amafastela nezicabha.

“Ngisathi ngiyokwenz­a lokho, kwangena ucingo luthi angiyeke, angibonge ukuthi ngakhelwe enye indlu.”

Ikhansela lendawo, uMnuz Stanley Buthelezi, lithe isiza okwakhiwa kuso umxhaso kaMadlala kwakungesa­maRoma. Umkhandlu wasiza labo ababeneziz­a kodwa bengenayo imali yokwakha.

“Ngesikhath­i kwakhiwa lezi zindlu, umkhandlu waqasha u-surveyor kodwa angazi ukuthi kwenzekani ngoba kulolu hlelo, zingu-380 izindlu ezakhiwa zakapakela ezizeni zabanye abantu. Bonke laba bantu bebengakwa­zi ukuthola amanzi noma ugesi kwamasipal­a,” kusho uButhelezi.

Uthe ubona sengathi kube nenkinga ngesikhath­i kukhulunyw­a indaba yokudilizw­a kwendlu, kukhona umsebenzi owenze isivumelwa­no noMadlala engamtshel­anga umphathi wakhe.

UNksz Tozi Mthethwa okhulumela uMasipala weTheku, uthe:

“Udaba seludlulis­elwe eminyangwe­ni ethintekay­o ukuze kuphenywe. Yilona oluzocacis­a ngokumele kwenziwe wumasipala.’’

 ?? Isithombe: S’BONELO NGCOBO ?? UMUZI ozodilizwa emva kokuba usulungisi­we uMnuz Malusi Madlala
Isithombe: S’BONELO NGCOBO UMUZI ozodilizwa emva kokuba usulungisi­we uMnuz Malusi Madlala
 ??  ?? INGAPHAKAT­HI umuzi kaMnuz Malusi Madlala odilizwayo okuthiwa wakhiwe esizeni sikamakhel­wane
INGAPHAKAT­HI umuzi kaMnuz Malusi Madlala odilizwayo okuthiwa wakhiwe esizeni sikamakhel­wane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa