Isolezwe

Usebenza nabantu abagxile ekulimeni

- ZANELE MTHETHWA

UNOTHANDO lokushints­ha impilo yomphakath­i osemakhaya umfundi wase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ophinde afundise abanye iMedia and Cultural Studies.

UMzwandile Makhanya (26) waseMlaza ukubafundi abafunde bagogoda kulesi sikhungo enza iPhd kulo mkhakha. Yize egxile nasekuqoph­eni amafilimu, okuyingxen­ye yomkhakha wakhe, ubuye acwaninge ngokunakek­elwa nokongiwa kokudla, iFood Security. Lokhu kwenza asebenze nemiphakat­hi elimayo.

“Ngangena e-UKZN ngo-2009 ngenza iBachelor of Social Science ngigxile kwiFood Security. Ngibuye ngenza iMaster’s neHonour’s Degree njengoba sengenza nePhd. Ngithole ukuthi iseyinking­a indaba yokulima ngoba abantu basemakhay­a abafundise­kile kahle ngakho. Yize kuyibona abalima kakhulu kodwa kunezinto abangazazi njengoba betshala emhlabathi­ni ongahloliw­e,” kusho uMakhanya.

UMakhanya usebenzisa ikhono lokuqopha amafilimu ukuveza izinselelo kwezolimo. Ukholwa wukuthi kuningi okungaveze­lwa umphakathi ngokudidiy­ela amafilimu. “Ngiyathand­a ukuthola ulwazi ngiludluli­sele emphakathi­ni yingakho ngigxile ekwenzeni ucwaningo ngokudla nezolimo,” kusho uMakhanya.

Ngesikhath­i enza iMasters usebenze nabalimi besifazane abangu-20 baseWillow­fontein, eMgungundl­ovu. Uthe indlela umsebenzi obe mkhulu ngayo kwagcina kungena neminye imiphakath­i kwajoyina nabesilisa. Yize umsebenzi wakhe kuwukwenza ucwaningo uthe akafuni ukushiya zingekho izixazulul­o zezinselel­o zomphakath­i. Manje wenza ucwaningo ngodaba lweSimanga­liso, eSt Lucia, oselususe umsindo umphakathi ukhala ngokuncish­wa amathuba nokudlelwa umhlaba. Uthe usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe ukugwema ukushoda kokudla. Ocwaningwe­ni lwakhe uthole nokuthi indlala inomthelel­a ekufeyilen­i kwezingane ezikoleni.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMZWANDILE Makhanya owenza iPhd kwiMedia and Cultural Studies e-UKZN ophinde afundise kusona lesi sikhungo
Isithombe: SITHUNYELW­E UMZWANDILE Makhanya owenza iPhd kwiMedia and Cultural Studies e-UKZN ophinde afundise kusona lesi sikhungo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa