Isolezwe

Kuyacaca ukuthi uDhlomo uhlulwe wumsebenzi

-

UMBIKO okhishwe yiSouth African Human Rights Commission oveza ukuthi awahlonish­wanga amalungelo eziguli ezinomdlav­uza ngesikhath­i ingasebenz­i imishini yokwelapha lesi sifo, yichilo.

Empeleni uma kubhekwa izinto ezishiwo nguNgqongq­oshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, ogxeke indlela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal okhipha ngayo amathenda kubantu abahlinzek­a ngezidingo nathe seziwise lo mnyango kufanele ngabe uNgqongqos­he, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, usesulile ngoba kusho ukuthi izinto zibhede ngaphansi kweso lakhe.

UMotsoaled­i uthe akuyona inkinga yodokotela abalapha umdlavuza lena, kodwa wukuthi iKwaZulu-Natal isebenzisa izindlela ezingalung­ile zokukhipha amathenda.

Uqhube wathi ukungasebe­nzi kwemishini yase-Addington kusho ukuthi umthamo weziguli obekufanel­e zisizakale khona uthwalwe yiNkosi Albert Luthuli nobekusho ukuyigqila­za nayo.

Sekunesikh­athi kukhalwa ngokungase­benzi kwemishini yokwelapha umdlavuza e-Addington, into okwakumele isukunyelw­e ngokushesh­a uma kubhekwa indlela lesi sifo esibucayi ngayo nanokwanda kwabantu asebenaso ezweni.

Siyakuqond­a ukuthi mkhulu futhi mningi umsebenzi owenziwa nguMnyango wezeMpilo zinsuku zonke ukwelapha abantu futhi ziningi izingqinam­ba obhekene nazo.

Kodwa yize kunjalo, kukhona izinto ezingagwem­eka, ukufa kwemishini isikhathi eside ngenye yazo. Akufanele ngabe kudonse lesi sikhathi okusidonsi­le ukube abantu bayawuhlon­ipha umsebenzi wabo.

Ngale nje kokubhekan­a nomnyombo wale nkinga kodwa kukhona nokufanele baphelelwe ngumsebenz­i futhi umuntu wokuqala okufanele akhombise ukuthi uyazisola ngokwenzek­ile nguDhlomo ngoba vele yena ngeke aqondiswe ubugwegwe njengoba ejutshwe yi-ANC.

I-ANC inhlangano ezigqaja ngokubheke­lela abahlwempu, uma engazisule­li uDhlomo kusho ukuthi uNdunankul­u Willies Mchunu nguyena okufanele akhombise ubuholi ngokuthi amsuse.

Yiningi kakhulu imali okuhlinzek­wa ngayo uMnyango wezeMpilo, kufanele kubonakale ukuthi yenzani.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa