Ukhala ngoMasipala weTheku odilizelwa umuzi
USOLA uMasipala weTheku ngobudedengu bokungaqinisekisi ubunikazi beziza owesilisa waseMariannhill, otshelwe ukuthi akakhiphe izimpahla zakhe endlini yomxhaso asehlale kuyo iminyaka emihlanu ngoba ingxenye yayo yakhiwe esizeni somunye umuntu.
UMnuz Malusi Madlala waseSouthmead, uthe uphoxekile ngokwenziwe wumasipala.
“Ngangijabula ngithi umasipala ungitakule ekuhluphekeni, wangakhela indlu kodwa ukujabula kwami kwaphela ngesikhathi kuze kuphela iminyaka emibili ngingafakeliwe ugesi namanzi,” kusho uMadlala.
Ngesikhathi eyocela ukufakelwa ugesi namanzi uthe wachithwa, kwathiwa indlu yakhe yakhiwe endaweni engafanele.
“Ngaya ophikweni lwezindlu ngiyobuza ngalokhu, angizange ngiyithole impendulo eqondile. Ngaleso sikhathi ngase ngihlale iminyaka emithathu endlini. Ngagcina ngicela komakhelwane ukuthi bangidonsise amanzi nogesi,” kusho uMadlala.
Uthe nyakenye kufike umnikazi wesiza ethi usezokwakha, akasuke. UMadlala uthe waya kobika lokhu kwamasipala, bamakhela enye indlu kodwa okumele angene kuyona ingaplastelwe ngaphakathi futhi angakwazi ukungenisa kuyo izimoto zakhe ngoba iphakathi nemizi.
Indlu akhishwe kuyo wayeseyilungisile, inama-tiles phansi, ceiling board namakhabethe.
UMadlala uthe ubenethemba lokuthi kukhona abeselungise ngakho endlini azokwazi ukukuqaqa ahambe nakho ngoba umasipala wathi akathathe uphahla, amafastela nezicabha.
“Ngisathi ngiyokwenza lokho, kwangena ucingo luthi angiyeke, angibonge ukuthi ngakhelwe enye indlu.”
Ikhansela lendawo, uMnuz Stanley Buthelezi, lithe isiza okwakhiwa kuso umxhaso kaMadlala kwakungesamaRoma. Umkhandlu wasiza labo ababeneziza kodwa bengenayo imali yokwakha.
“Ngesikhathi kwakhiwa lezi zindlu, umkhandlu waqasha u-surveyor kodwa angazi ukuthi kwenzekani ngoba kulolu hlelo, zingu-380 izindlu ezakhiwa zakapakela ezizeni zabanye abantu. Bonke laba bantu bebengakwazi ukuthola amanzi noma ugesi kwamasipala,” kusho uButhelezi.
Uthe ubona sengathi kube nenkinga ngesikhathi kukhulunywa indaba yokudilizwa kwendlu, kukhona umsebenzi owenze isivumelwano noMadlala engamtshelanga umphathi wakhe.
UNksz Tozi Mthethwa okhulumela uMasipala weTheku, uthe:
“Udaba seludluliselwe eminyangweni ethintekayo ukuze kuphenywe. Yilona oluzocacisa ngokumele kwenziwe wumasipala.’’